EzakamuvaIbhola

UPapi Zothwane waduba ibhola egilwa yiSundowns 

Alfred Ngubane

Usegcine ebhobokile ngesigameko esibi esamehlela, samqeda uthando lwebhola waze wagcina eliduba uPapi Zothwane. 

Ngokusho kwakhe, lesi sigameko senzeka ngesikhathi edlala kwiMamelodi Sundowns.  

Uthi wathola ukulimala, wahlala isikhashana engadlali nokwathi uma ebuya wafica sekusayinwe abadlali abasha. 

Wathola ukuthi nenombolo yejezi ayeyisebenzisa seyinikezwe omunye umdlali ekubeni naye eseyingxenye yeqembu kwazise wayesenenkotileka.

Lokhu kwamphatha kabi wabe esebona kungcono aye kubaphathi ukuyozwa ukuthi bahloseni ngalesi senzo sabo.  

“Ngabuza uTrott Moloto ngalokhu, wavele washalaza wangaphumela obala ngokuthi kungani enikeza omunye umdlali ijezi lami,” kusho uZothwane. 

“Kulapho ke ngazibonela khona ukuthi aangiseyena umdlali odingekayo eqenjini. Kwangiphatha kabi lokhu. 

“Wake wezwaphi nje umdlali ephucwa ijezi engazisiwe,” kulanda le nsizwa eyazakhela igama kwiGolden Arrows. 

Kwathi uma kuphela inkontileka, wahamba wayosayina kwiBloemfontein Celtic nokuyila abe esewabeka ethala amakhokho. 

Uthi uvele wafika kwiCeltic engaseyena umdlali onomdlandla ngenxa yalokhu kuphoxeka akuthola kwiSundowns. 

UPapi Zothwane uthi wake waliduba iminyaka emihlanu ibhola engafuni lutho ezomsondeza kulo.

‘Empeleni nje iSundowns yangiyekisa ibhola ngalesi senzo sayo. Ngakhetha ukuphuma ebholeni.  

“Ngaqhela nje ezintweni ezinebhola iminyaka engaphezulu kwemihlanu ngenxa yeSundowns.”

Wayekade esayine kwiSundowns nje inhliziyo yakhe yayikwiKaizer Chiefs eyayimfuna kodwa wanqatshelwa ukuya kuyo. 

Namanje usagcizelela ukuthi kwakokotelwa ukusayina kwakhe ukuze kube sengathi unenkontileka yesikhathi eside kwi-Arrows. 

Kwenzeka lokhu ngesikhathi yena azi ukuthi inkontileka yakhe ne-Arrows iphelile, wahamba wayosayina kwiChiefs. 

Ekubuyeni kwakhe ebholeni uPapi Zothwane ubesengumqeqeshi kanti ngesizini edlule ubecija Uthongathi FC. 

Kubadlali abaphume esandleni sakhe kwiCane Cutters abagcine bezakhela igama emaqenjini amakhulu singabala oPule Mmodi noNjabulo Ngcobo abakwiChiefs manje, noCelimpilo Ngema okuMaZulu FC.

FUNDA NALA: Ngabe khona umqeqeshi ozodlelwa umsebenzi uMazinyo?

Usale engasenamsebenzi ke ngesikhathi leli qembu lidayisela iMilford FC isifitiketi salo sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.