Ibhola

Bawatamuza ngathi kunendali yamagoli kweyePremiership

Sihle Ngubo

Imidlalo yeDStv Premiership yangoLwesibili noLwesithathu inike ithemba nesasasa ngenxa yamagoli aqhamuke kuyona.

Akuvamile kwiligi yakuleli ukuthi kube namagoli kuyo yonke imidlalo esuke idlalwa. 

Eminye ike iphele ngo 0-0 ize ibe mithathu nokuyinto eshiya imibuzo ngabagadli bePremiership.

Nokho kulokhu kuqhamuke amagoli angu-21 emidlalweni eyisoshiyagalombili edlalwe ngoLwesibili nangoLwesithathu. 

Kuvule oweSuperSport United eshaywe yiLamontville ngo 3-0 ngoLwesibili. 

Kube sekulandela owe-Orlando Pirates eshaye iCape Town City ngo 2-0 ngosuku olufanayo.

NgoLwesithathu abeqhululwa kakhulu amakhulu kwiPremiership.

ISundowns iyona evule ngokushaya iPolokwane City ngo 2-0. 

IKaizer Chiefs ishaye iStellenbosch FC ngo ngo 2-0, kwathi iMoroka Swallows yajezisa omakoti iCape Town City ngo 3-1.

IRichards Bay ibambane neSekhukhune United ngo 1-1, kwathi AmaZulu athola igoli lawo lokuqala kule sizini enqoba kwiTS Galaxy ngo 1-0. 

Ngaleso sikhathi iRoyal AM ibibambene neChippa United ekuhambeni, yagcina iwine ngo 3-2 iThwihli Thwahla.

Konke lokhu kuyizinkomba ezinhle futhi kunika ithemba ngokushaywa kwamagoli kwiPremiership. 

Likhona nethemba lokuthi abancintisana ngamagoli bebanga umklomelo wamagoli amaningi, bazohlohla amaningi kulokhu.

Okuhle ngalokhu wukuthi le nala yamagoli iqhamuka nje abagadli obekuyibo abebehamba phambili ngamagoli ngesizini edlule abakaqali. 

UPeter Shalulile weSundowns noRanga Chivaviro (obekwiMarumo Gallants) weChiefs basalimele. 

UMonnapule Saleng wePirates noKhanyisa Mayo weCT City bona abakangeni egiyeni lamagoli okwamanje. 

FUNDA NALA: UBrandon Petersen uthembisa izulu nomhlaba kwabeChiefs

Yize kusasekuseni, kodwa le nala yamagoli emidlalweni yePremiership iyinto enhle nezobuyisa abalandeli kakhulu kunakuqala.