Ubhodla ngokubandlululwa ngabase-Italy uNomvete
Alfred Ngubane
USiyabonga “Bhele” Nomvete usekhulume okokuqala ngokuthi wayephethwe kanjani ngesikhathi edlala e-Italy eminyakeni ecela emashumini amabili edlule. Uveze ukuthi ubandlululo laludla lubi kuleliya lizwe ngoba ngisho ozakwabo babenokumcwasa.
Le nkakha yeBafana Bafana yadlala yajoyina i-Udinese e-Italy ngo-2001 isuka kwiKaizer Chiefs la eyayingumgadli ongalibheki ipali lkhona.
Uhlale kwi-Udinese kwaze kwaba ng-2005. Kodwa phakathi kuka-2004 no-2005 wabolekiswa kwi-Salernitana ne-Empoli.
Kwathi uma ebuya kwi-Empoli, wabe esephinde ebolekiswa, kulokhu waya eSweden la ajoyina khona iDjugardens.
Kodwa kuse-Italy la angahlalisekanga khona kahle njengoba namanje engakayikhohlwa impatho ayithola khona.
“Abadlali base-Italy banobandlululo ngisho olimini ngoba abafuni ngisho ukukhuluma isiNgisi,” usho kanje exoxa neMpempe.
“Basuke benomqondo wokuthi uzobathathela umsebenzi wabo. Uyabo kwi-Udinese kukhulunywa isiNtalinyane kuphela.
“KwiSalernitana nakwi-Empoli kwakungcono ngoba khona yizindawo ezigcwala izivakashi ngakho khona isiNgisi bayasikhuluma.
“balandeli bakhona uma umnyama bakubiza ngenkawu. Ugcina uzibonela ukuthi abafuni ngisho ukukhuluma nawe.”
Uthe ngisho abaqeqeshi bakhona benza kube nzima ukuthi uma ungumdlali wangaphandle udlale kahle ngoba awubezwa uma ungakalufundi ulimi lwakhona.
“Kwenza kube nzima kakhulu ukusebenza nomqeqeshi wase-Italy ongasazi isiNgisi.
“Uma ngabe ubuka abadlali base-Italy, abaningi badlala ekhaya. Abadlali bangaphandle bagcina behluleka ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu ngenxa yolimi nokudla kwakhona.”
UNomvete nokho wagcina eselwazi ulimi lwakhona njengoba manje eselukhipha ngamakhala nje.
Ekushiyeni kwakhe kwi-Udinese, wabuyela kuleli wathi qu kwi-Orlando Pirates, wabe esebuyela eSweden.
FUNDA NALA: URiveiro ucasha ngesithupha ngomjiko wabePirates
Ugcine ukudlala ezingeni elikhokhelayo kuThongathi nokulapho abe esewabeka khona ethala amakhokho.