Bembuleka izinqe manje abaqeqeshi beChiefs – Mendu
Inkakha yeKaizer Chiefs, uJabulani Mendu, ikhala ngabaqeqeshi ebasola ngokungalulandeli usikompilo lwaleli qembu.
IChiefs seyishintshe inqwaba yabaqeqeshikule minyaka embalwa edlule, kodwa kunhlanga zimuka namoya njengoba isimo singashintshi.
Kumanje leli qembu lilwela ukuqeda lingaphakathi kwi-Top 8 yeDStv Premiership ekupheleni kwesizini.
“Inkinga isekutheni laba baqeqeshi bafuna ukufaka imigomo yabo ehlukile eqenjini,” kusho uMendu.
“Laba baqeqeshi abawenzi umsebenzi wabo abaqashelwe wona yiKaizer Chiefs.
“Umqeqeshi uqashelwa ukuzokhuthaza abadlali nokubacija, aphinde abaluleke ngokwesimo somqondo.
“Manje laba baqeqeshi bayihlazile kakhulu iKaizer Chiefs kodwa becasha ngabalandeli abayikhomba kubaphathi beKaizer Chiefs inkinga.”
Le nkakha eyadlala nakwiMoroka Swallows neMamelodi Sundowns, ithi umqeqeshi olandelayo weChiefs kumele alazi usiko lweqembu.
“Kuzomele ukuqonde ukuthi iKaizer Chiefs inosikompilo lwayo,” kuqhuba yena.
“Uma ngabe laba baqeqeshi behlulwa ngumsebenzi wokulandela le migomo nosiko lweqembu, kumele babuze kubaqeqeshi baphambilini abanqoba izicoco kwiKaizer Chiefs.
FUNDA NALA: IRichards Bay igoloze kwacishe kwalunga, uMudau uyayivuma
“Abanye abaqeqeshi uma befika kwiKaizer Chiefs badakwa umbuso wokuphathwa kahle nokwesekwa kakhulu ngabaphathi beqembu.”

