Bamoyizela bodwa abafana bayodlala neBayern Munich eGermany
Bahleka bodwa abafanyana ababili abazothola ithuba lokuyodlala neBayern Munich Germany ngo-Okthoba nonyaka.
Laba bafana ngoLizwi Zondo, oneminyaka engu-16 noMthobisi Cele oneminyaka engu-15. Bangaphansi kweKusekhaya Football Aces ezinze KwaMashu.
Ngokusho kukaSiyabonga Madela, ongusihlalo weKusekhaya Aces, bekunomqhudelwano wezikole eThekwini obizwa ngeBayern Munich Youth Cup.
Lo mqhudelwano bewuhanjelwe abahlwaya ikhono kwiBayern Munich. Bebezokhetha iqembu elizoya eGermany liyodlala kuyona iBayern Munich Cup kusukela ngo-Okthoba 18.
“Kulo mqhudelwano bekukhona izikole eziningi. Siyajabula kakhulu ukuthi abadlali bethu ababili baqokiwe,” kusho uMadela obezwakala ukuthi wesese.
“Siyile esikoleni somunye walaba bafana sakhuluma nabafundi. Sisazoya naseNdwedwe ngoba omunye ufunda khona. Inhloso ukugqugquzela izingane ngonobhutshuzwayo.”
Izindaba ezinhle ezokuthi laba bafana ngeke belokhu bebamba beyeka ngoba iBayern Munich izokhokhela zonke izindleko.
“Okwethu nje ukulungisa amaphepha abo (ama-visa), siqinisekise ukuthi yonke into iqondile.
“Sesingabapha nje umphako nathi ngoba abafana bethu,” kwenaba uMadela.
Uthe bajabule kakhulu abafana ngoba bazobe beqala nokugibela ibhanoyi empilweni yabo.
Ngokohlelo lwango-Okthoba bazohlala eGermany izinsuku ezicela kweziyishumi, kanti kuzobe kukhona abadlali abaqhamuka kwamanye amazwe afana ne-USA neNigeria.
Bazovala uhambo ngokuthi kuqokwe isikwati esizobhekana neqembu elincane leBayern Munich.
Yithuba eliyingqayizivele kakhulu leli ngoba kuzobe kukhona izinhloli eGermany.
FUNDA NALA: UDlangalala uthi uzoyibuyisela kwiPremiership iMaritzburg
Abanye bangazithola sebezitholela amadlelo aluhlaza emaqenjini ehlukene azobe emenywe kule midlalo.