EzakamuvaIbhola

Kumapeketwane: I-PSL seyimise iRoyal AM ekudlaleni

SIHLE NGUBO 

Izinto zilokhu ziqhubeka nokungahambi kahle eqenjini lebhola laKwaZulu-Natal, iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Leli qembu sekuke kwavela kaningi ukuthi libhekene nenkinga yemali. Ngaphezu kwalokho lisamiswe yiFifa ukuthi lisayinise abadlali abasha.

Izinkinga zeThwihli Thwahla ziqale ngesikhathi ihluleka ukukhokhela uSamir Nurkovic imali yakhe ngemuva kokuhlukana nalo mdlali, owafika kuleli ezidlalela iKaizer Chiefs.

Udaba lugcine lufinyelele kwiFifa egwebe leli qembu, elidlalela imidlalo yalo eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ukuthi lingabasayinisi abadlali amasizini amabili.

Muva nje leli qembu liyehluleka ukudlala imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) selokhu kuqale isizini entsha. Emidlalweni eyisithupha esidlaliwe belingakaze lidlale.

I-Premier Soccer League (PSL) seyithathe isinqumo sokulimisa ngokusemthethweni leli qembu ekudlaleni imidlalo yeDDC.

“Ngemuva kokubheka konke okubambekayo nalokho okwethulwe yiqembu kuleli sonto, ikomiti eliphezulu lePSL selithathe isinqumo sokumisa iRoyal AM Football Club ekuzimbakanyeni kwiDStv Diski Challenge ka-2024l2025,” kusho isitatimende esikhishwe yiPSL ngoLwesihlanu.

Umbuzo omkhulu owokuthi iqembu elikhulu lizoqhubeka yini lidlale njengenjwayelo, njengoba kuvela ukuthi abadlali abaholi futhi abaningi bafuna ukushiya.