UDlangalala uthi uzoyibuyisela kwiPremiership iMaritzburg
Sbongs Gumbi
IMaritzburg United iwuqale ngendlela abefisa ngayo umqeqeshi uZipho Dlangalala umkhankaso wokubuyela kwiDStv Premiership.
Emdlalweni wayo wokuqala kwiMotsepe Foundation Championship, iMaritzburg ishaye iMilford FC ngo 1-0.
Igoli enqobe ngalo liqhamuke umdlalo usuyophela, ngonyawo lo mgadli odabuka eZambia uFriday Samu.
Lo mgadli ubevele ekhona kuleli qembu nangesizini edlule. Ukunqoba kunike uZipho Dlangalala ithemba ngokuthi uzowufeza umsebenzi abekelwe wona kuleli qembu.
Lo mqeqeshi uqashelwe ukuthi abuyisele leli qembu kwiPremiership, aphinde alisize libe nabadlali bendawo.
“Ukunqoba umdlalo wokuqala wesizini yinto ehlezi ibalulekile,” ucashunwe esho kanje uZipho Dlangalala kwabeSowetan.
“Lokhu kunqoba kuyinto enkulu kithi ngoba kulethe umuzwa omnandi eqenjini, kwanyusa nokuzethemba. Sifuna ukwakhela kukho.”
UZipho Dlangalala, oseke wasebenza emaqenjini ehlukene okukhona kuwo ne-Orlando Pirates, uthi usalakha leli qembu lakhe.
“Yiqembu elisha leli ngoba bambalwa abadlali abebekhona nangesizini edlule.
“Ngakho ukuqala ngokunqoba kuyasiza ukwenza abadlali abasha bakhululeke.”
Yize ejabule ngabadlali anabo, uthe uma kuvela kuvela abadlali ababona bengaba wusizo, ngeke aliyeke.
“Ngeke uthi iqembu seliphelele. Ngijabule kakhulu ngeqembu lami futhi ngiyakholwa singakwazi ukunqoba lesi sigaba.
“Kodwa ngeke ngithi sengenele, ngeke ngisasayina ngoba uma kuvela ithuba sizoqinisa lingakavalwa iwindi.”
UDlangalala uzobe ebheke ukuthi iqembu lakhe liqhubeke nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu uma selibhekene ne-University of Pretoria emdlalweni olandelayo.
FUNDA NALA: UKhune uchazwa wukuvuthwa ‘kwentwana’ uRonwen Williams
AmaTuks elinye lamaqembu uDlangalala aseke wawacija kanti uzobhekana nawo enkundleni okumele ukuthi uyazi kahle, iTuks Stadium ngeSonto ntambama.