EzakamuvaIbhola

Lihle ikusasa ku-Ime Okon, oqoke iBafana, wadela iSuper Eagles

Sihle Ngubo

Umdlali weSuperSport United u-Ime Okon, ukhethe ukudlalela iNingizimu Afrika wayifaka isithende iNigeria.

Lo mdlali usesikwadini seBafana Bafana sabadlali abangu-36 okuzokhethwa kubona abazodlala imidlalo emibili yobungani ngoSeptemba. 

Iqembu lokugcina lizokhishwa ngoLwesithathu ngo-12 emini. U-Okon unobaba waseNigeria nomama waseNingizimu Afrika.

Uqophe umlando lo mdlali ngokubizwa kwiBafana esadlale imidlalo eyisithupha kuphela ebholeni elikhokhelayo. 

Umdlali owabizwa ngokushesha kwiBafana phambilini nguMbulelo “OJ” Mabizela owayesadlale imidlalo eyisishiyagalolunye kwi-Orlando Pirates. 

Sekungumlando ukuthi uMabizela wagcina ethathwe Tottenham Hotspur yase-England lapho abuyiswa khona ukungaziphathi nokuthanda utshwala.

UHugo Broos oqeqesha iBafana Bafana uzolinciphisa iqembu lakhe libe nabadlali abangu-23 uma sekusondele imidlalo. 

Sekuyocaca laphoke ukuthi uzosala yini u-Okon obonakalayo ukuthi unekhono elingangabazeki.

Lo mdlali unekhono elihle kanti abanye sebeqagule ukuthi ngeke kumthathe isikhathi eside ukuthi ahehe amehlo ezinhloli zase-Europe. 

Omunye walabo abakholwa wukuthi uya kude u-Okon ngebhola nguThulani Hlatshwayo odlala naye kwiSupweSport. 

“Ngiziwa kanjani ngo-Ime? Ngicabanga ukuthi uzoba yinto enkulu maduze,” washo kanje uHlatshwayo uma ebuzwa ngalo mdlalo emavikini ambalwa edlule. 

“Yize ebukela kimi yena, kodwa mina kule minyaka akuyo ngangingekho kuleli zonga yena akulo manje. 

“Njengoba esedlale umdlalo wakhe wokuqala esigabeni esikhokhelayo eneminyaka engu-18 nje, uya kude ngoba mude futhi uyashesha. 

FUNDA NALA: Uveza imfihlo yamagoli ePirates uPatrick Maswanganyi

“U-Ime uyashesha, uqinile futhi ungumfana olalelayo ngoba wenza lokhu asuke ekutshelwe umqeqeshi,” kuchaza uHlatshwayo oke waba ngukaputeni kwiBafana.