Ubanjwe nenyama yokwebiwa owaduma kwiBafana Bafana
Njabulo Shezi
Ungene ehlazweni elibi omunye wabadlali bakudala bakuleli abahlonishwayo uMaimane Phiri ebanjwa oqotsheni nenyama yokwebiwa.
UPhiri, owadlala emaqenjini ehlukene phesheya nakuleli, ubanjwe ngoLwesibili ekuseni namaloli alayisha inyama abeduniwe eyithulula esilaheni sakhe.
Ngokubika kwabeZimoja, uPhiri uqale wathi akahlangene naleyo nyama futhi ucelwe abantu abathe bacela ukusebenzisa amafriji akhe.
Kodwa ubuye wajika wathi yena ubengazi ukuthi le nyama kanti yebiwe. Kuthiwa amaloli amabili abethwele inyama adunwe eBoksburg, eGoli.
Abanjwe esediliza inyama kwenye yamabhusha kaPhiri ase-Alexandra, okuyilokishi elidumile laseGoli.
Kukulo leli lokishi la uPhiri enamabhizinisi khona ehlukene, Kukhona futhi la enemidlalo yaminyaka yonke enedumela.
Le midlalo, iMaimane Phiri Games, ize ikhonjiswe ngisho kiwthelevishini ngenxa yokubukhulu nedumela layo.
Esitatimendeni, amaphoyisa endawo athe ancinzwe indlebe ngamaloli abethula inyama nabebikwe njengaduniwe.
“Uma efika amaphoyisa afice abalisa bediliza inyama emalolini amabili. Abanye babalekile kodwa ababili babanjwa.
“Laba ababibili babe sebesebenzisana namaphoyisa, bawavumela ukuthi aye emizini yabo ayosesha nakhona.”
FUNDA NALA: Ulwela ukubuya kwiPSL, aqeqeshe neChiefs u-Allan Freese
Kuthiwa laba ababili basezikhindini kumanje. Kungenzeka ke naye uPhiri agcine khona uma kutholakala ukuthi ubenolwazi ngalokhu. Uphenyo lusaqhubeka.