EzakamuvaIbhola

AbeMan City neLiverpool sebethembe iChelsea

ILiverpool neManchester City bazoba ‘abangani’ beChelsea FC njengoba izotholana phezulu ne-Arsenal emdlalweni we-English Premier League (EPL) e-Emirates Stadium, ngoLwesibili ngo-9 ebusuku.

IGunners iyona ezihola phambili kwilogi ye-English Premier League ngamaphuzu angu-74 emidlalweni engu-33. 

Ilandelwa yiLiverpool ngamaphuzu afanayo emidlalweni efanayo, umehluko amagoli.

Endaweni yesithathu kuhleli iMan City ngamaphuzu angu-73, kanti yona isadlale imidlalo engu-32.

Nakanjani abeLiverpool neMan City bazobe befuna iChelsea iyishaye i-Arsenal ngoLwesibili ebusuku, ukuze ingavuli igebe lamaphuzu amathathu esicongweni.

Sezihubela sakusha manje (kusele imidlalo eyisikhombisa) ngakho amaqembu asembangweni wesicoco seligi asebheke yonke imiphumela ukuthi ihamba kanjani.

I-Arsenal ayiqondakali kule sizini njengoba ibuye ilahle amaphuzu emidlalweni okumele ngabe iyayiwina kulesi sikhathi sesizini.

Ikwenzile lokho emdlalweni odlule ishaywa yi-Aston Villa ngo 2-0 ekhaya.

Ngasohlangothini lweChelsea izama ukuqeda endaweni engcono kwilogi ye-English Premier League ukuze izibeke ethubeni lokudlala imiqhudelwano ye-Uefa ngesizini ezayo.

IChelsea, esendaweni yesishiyagalolunye, ibhubhise i-Everton ngo 6 -0 emdlalweni odlule wePremier League eStamford Bridge.

Abadlali abafana noTrevoh Chalaboh sebethembise ukuthi imidlalo eyisikhombisa esele bazoyithatha njengeyamanqamu, ngemuva kokuphuma kwiFA Cup ngempelasonto.

IChelsea izoqeda isizini ingenayo neyodwa indebe kulandela ukukhishwa kwiFA Cup yiManchester City eyishaye ngo 1-0 eWembley Stadium ngempelasonto.