iDStv Premiership

Kubhekwe oweSundowns nowePirates emiklomelweni yePSL

SIHLE NGUBO

Selufikile olwamanqamu, akusekho ukuhlehlela emuva njengoba kuzoklonyeliswa abadlali bePremier Soccer League (PSL) abenze kahle kule sizini esanda kugoqwa, ngeSonto ebusuku.

Akulula ukuqagula ukusho ukuthi imiklomelo izoshona ngakuphi kodwa unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, angase aqoqe imiklomelo eminingi kunabanye abadlali kulo mcimbi.

UWilliams unethuba lokubuya nemiklomelo emithathu kulo mcimbi njengoba eqokwe emikhakheni emithathu ehlukene.

Uqokwe kwiFootballer of the Season lapho ebanga khona zakwabo uTeboho Mokoena, no-Iqraam Rayners weStellenbosch FC.

UWilliams ukhona futhi kwiDStv Premiership Players’ Player of the Season. Kulo mkhakha ubanga noPatrick Maswanganyi, we-Orlando Pirates no-Iqraam Rayners weStellenbosch FC.

Uphinde abe khona futhi uWilliams kwiDStv Premiership Goalkeeper of the Season. Lapha ubanga noSage Stephens weStellenbosch FC noBadra Sangare weSekhukhune United.

UWilliams ube nesizini enhle kakhulu neSundowns, lapho ebengangenelwa khona kalula amagoli. Lo mgqigqo wakhe uye nawo kwiBafana Bafana egcine iphume endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.

UWilliams uzakhele igama evimba amaphenathi amane iBafana ibhekene Cape Verde kwi-quarterfinal ye-Afcon. Iqembu lakuleli lagcina linqobe ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umdlali oseke wawola imiklomelo yePSL emcimbini owodwa ngu-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs, ngesizini ka-2012/2013.

UKhune wakhala wemuka nomklomelo iFootballer of the Season, iGoalkeeper of the Season, yiPlayers’ Player of the Season neNedbank Cup of the Season, ngo-2013.

Ngaleyo sizini iChiefs yanqoba isicoco seligi neNedbank Cup ngaphansi kukaStuart Baxter.

Omunye umdlali okulindeleke ukuthi athole umklomelo uRelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates, onethuba lokukhala emuke neDStv Premiership Young Player of the Season. Kulo mkhakha ubanga noShandre Campbell no-Ime Okon beSuperSport United.

Umcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 1 neSuperSport TV, kusukela ngo-6.30 ntambama.