EzakamuvaIbhola

UBroos ubona uLebo Mothiba eyisinongo angenaso kwiBafana

Njabulo Shezi

ULebo Mothiba ungenile eqenjini labadlali abangu-23 leBafana Bafana elizodlala imidlalo yokuzizwa amandla ngenyanga ezayo.

IBafana, elungiselela ukuya kwiCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari, izozwana amandla neNamibia ngoSepthemba 9, neCongo ngoSepthemba 12.

UMothiba bese kunesikhathi agcina ukubonakala kwiBafana kanti umqeqeshi uHugo Broos ukuthandile akubone kuye. 

UBroos uthi lo mgadli odlala kwiStrasbourg eFrance unento ashoda ngayo eqenjini lakhe njengamanje. 

“Lebo (Mothiba) ubengadlali kwiStrasbourg phambilini. Kubalulekile lokho kimi uma ngizoqoka umdlali ngoba uma engadlali kusho ukuthi akanawo umgqigqo. 

“Ngesizini edlule udlale imidlalo embalwa ngasekupheleni kwayo, kanti ekuqaleni kwalena uyadlala futhi useke washaya negoli,” kuchaza uBroos.

Ubekhuluma ngesikhathi ememezela iqembu lakhe azodlala ngalo le midlalo yokugcina yokuzizwa amandla ngaphambi kwe-Afcon.  

“Uwuhlobo lomdlali esingenalo njengamanje. Mude futhi unamandla… Simbizile kulokhu ngoba kumfanele. 

“Futhi uzosithola isikhathi sokudlala ukuze asikhombise ukuthi ukufanele ukuba yingxenye yomndeni weBafana.” 

ULebo Mothiba ungomunye wabadlali bakuleli asebehlale isikhathi eside phesheya kanti uke wadlala kwiBafana phambilini. 

Ubizwa nje oCassius Mailula noBongokuhle Hlongwane bashiywe ngaphandle kule midlalo ezodlalelwa e-Orlando Stadium. 

UHlongwane ushiywe ngoba elimalile kwiMinnesota United la ewashaya ngathi uyabukisa khona amagoli. 

UMailula yena usanda kufika kwiToronto FC ngakho unikwe isikhathi sokuthi azinze khona. 

UNjabulo Blom, naye odlala kwi-US Major League, yena usale ngoba kuthiwa akasadlali njalo kwiSt Luis SC. 

Lime kanje selilonke iqembu leBafana elizodlala le midlalo yokuzizwa amandla neNamibia neDR Congo: 

  • Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa noRicardo Goss
  • Emuva: Sydney Mobbie, Thabiso Nonyane, Grant Kekana, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Siyanda Xulu no-Innocent Maela. 
  • Esiswini: Luke Le Roux, Teboho Mokoena, Grant Margerman, Bathusi Aubass.

FUNDA NALA: Nazoke, i-PSL isiyibambe ngakho ngamacala manje

  • Phambili: Mihlali Mayambela, Themba Zwane, Kobamelo Kodisang, Pery Tau, Zakhele Lepasa, Lebo Mothiba, Lyle Foster, Monnapule Saleng.