EzakamuvaIbhola

U-Itu Khune kwiSuperSport, iyamhalela kodwa kunezithiyo

U-Itumeleng Khune ngomunye wonozinti iSuperSport United ecabangela phezu kwabo njengoba ifuna unozinti onamava.

Leli qembu lizobe lingasenaye uRicardo Goss ngesizini ezayo njengoba ezobuyela kwiMamelodi Sundowns abolekwe kuyo.

Lokhu kulishiya enkingeni yokuthola omunye unozinti onamava kanti sekuvele ukuthi u-Itu Khune ngokunye walabo ebicabangela kubo. 

Ngokubika kweSNL24, isimo sikaKhune kwiChiefs besibhekwe ngabomvu njengoba leli qembu laseNaturena lakuveza ukuthi isizini yakhe yokugcina lena kulo.

“Iqembu belisiqaphile impela isimo sikaKhune ngenhloso yokumsayina,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Kodwa uyazi ebholeni izinto azenzeki ngendlela esuke ihlosiwe kwesinye isikhathi. 

“Impela iqembu liyamfuna unozinti onamava ozovala isikhala uma uRicardo Goss esebuyele kwiSundowns ngesizini ezayo. 

“UKhune ungomunye walabo iqembu elike lakhuluma ngabo,” kuchaza lo mthombo. 

Nokho isikhulu esiphezulu kwiSuperSport, uStanley Mathews, sithe sikuchithile ukuthi bengasayina uKhune.

“Yebo, impela siyamfuna unozinti. Akukho okunye esingakwenza,” kusho lesi sikhulu.

“Kodwa ngeke kube uKhune. Ngeke neze kube uKhune. Bakhona esibheke kubo kodwa sizolinda kuqale amalungiselelo esizini entsha.

“Sifuna ukubahlola kahle, sibheke nesimo sempilo nokulimala. Kulapho ke siyobe sesazi sisayina muphi.”