EzakamuvaIbhola

Akumkhathazi uNtseki okushiwo uBroos ngabadlali beChiefs

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki akuyona into azikhathaza ngayo le eshiwo uHugo Broos ocija iBafana Bafana. 

Ekhuluma ngemuva kokwethula iqembu lakhe azodlala ngalo imidlalo yobungani ngenyanga ezayo, uBroos uthe abeChiefs abakufanele ukuba kulo. 

Uthe akukho noyedwa umdlali weChiefs ofanelwe wukudlala kwiBafana njengamanje. 

Uze waphuma iqhubu nonozinti uBrandon Petersen, ethi amaphutha akhe ayingozi angayifisi eduze kweBafana.

Kodwa ebuzwa ngalokhu. uMolefi Ntseki uthe akuyona into azikhathaza ngayo ngoba vele akazi usuke efunani uBroos uma eqoka abadlali. 

“Yisinqumo esenziwa umqeqeshi weqembu lesizwe (ukuqoka abadlali),” kusho uMolefi Ntseki naye oke wayiqeqesha iBafana.

“Ngeke simbuze noma singabaze izinqumo zakhe ngoba akakaze asinike uhla lwezinto azibhekayo uma eqoka abadlali azobasebenzisa kwiBafana.

“Akakaze afike nezinto athi ‘uma ufuan ukuba seqenjini lesizwe, nakhu okumele ukwenze’.

“Uma kuwukuthi ubona abadlali bethu bengakufanele ukuba seqenjini lesizwe, kuyishwa nje lokho.

FUNDA NALA: ‘UNkulunkulu ungumlandeli weChiefs,’ kusho uRulani Mokwena

“Kodwa ke thina sigqugquzelekile ngoba kumele sisebenze kanzima ukubonisa wonke umuntu ukuthi sinabadlali abasezingeni.”