U-Ertugral uvivile emaqenjini amdingayo kwiDStv Premiership
Alfred Ngubane
Usazimisele ukubuyela ekuqeqesheni kwiDStv Premiership uMuhsin Ertugral owazakhela igama kwiKaizer Chiefs.
Uthi uma kuqhamuka ithuba angalithatha eshesha ngoba usenesikhashana agcina ukwenza lo msebenzi athi uwubizo kuye.
“Ngisafuna ukuqeqesha kwiDStv Premiership, uma kungavela ithuba ngizolithatha,” usho kanje lo mqeqeshi owake wasebenza nakwi-Ajax Cape Town.
Useneminyakana ke agcina ukuqeqesha kuleli lo mqeqeshi abaningi abambiza ngoMshini.
“Okwamanje ngihlala emzini wami nomndeni wami eKapa. Kodwa ibhola liyimpilo kimi futhi ngiyalilandela ngokuphelele.”
U-Ertugral wafika kuleli ngo-1999 elandwa yiChiefs wafike wanqoba iMandela Winners Cup neCoca-Cola Cup.
Emaqenjini asedlule kuwo kusukela lapho singabala i-Orlando Pirates, Ajax, Maritzburg United, Golden Arrows, Mpumalanga Black Aces neSantos.
Ngaphandle kwakuleli useke wasebenza kwiSivasspor, Ismaily, Club African, SV Mattersburg neqembu lesizwe laseD Congo.
Uke waba ngumphathi wabaqeqeshi eqenjini lesizwe langakubo eTurkey. Nokho udume ngolaka kubadlali uma bengenzi izinto ngendlela afisa ngayo.
Akayingeni ke eyamahlongandlebe ebholeni. Ukhuluma ngokubuya nje ekuqeqesheni usanda kubonakala emidlalweni embalwa.
NgoLwesithathu ubekhona emdlalweni weStellenbosch FC neChiefs e-Athlone Stadium.
Bakhona ke nabaqeqeshi asebelengelwa yizembe ngenxa yemiphumela engemihle kusukela kuqale isizini.
UShaun Bartlett uhlezi ngesinqe esisodwa manje kwiCape Town Spurs. NoBrandon Truter sekumele agawule abheke kwiSekhukhune United.
NakwiChippa United uMorgan Mammila angazithola sekuthiwe akapakishe imithwalo avele ahambe.
Ngekhono namava akhe, u-Ertugral engenza umsebenzi obonakalayo kwiSekhukhune nakwiSpurs.
FUNDA NALA: Akumkhathazi uNtseki okushiwo uBroos ngabadlali beChiefs
KwiChippa usengayiswa yindlala nje umntwanabantu ngoba kuyaziwa ukuthi ngeke ahlale ngoba umphathi wayo uhlezi elunywa isandla.