Ezakamuva

Akuhambanga kahle kwiMaritzburg yize inqobile

Kuzoba amaqembu aseke adlala kwiDStv Premiership azodlala eyokuhlunga, elwela ukunyukela kulesi sigaba esuka kwiMotsepe Foundation Championship.

Lo mbango ugcine unqotshwe yi-University of Pretoria, AmaTuks, neBaroka FC abaqede endaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana.

Abemane amaqembu okuyiwe emidlalweni yokugcina ezibhekile ekutheni engathola indawo kule midlalo yokuhlunga.

Bekuyiwo AmaTuks, yiBaroka, yiMaritzburg United neJDR Stars. IMaritzburg igcine iphelele endaweni yesine. 

OkweJDR kubhede osukwini lokugcian ngesikhathi ishaywa yiMaritzburg United ngo 2-1 eGiants Stadium. 

Lo mphumela uyikhiphile embangweni wendawo emidlalweni yokuhlunga, wanika iMaritzburg ithemba elincane. 

Nokho nalo lelo themba lisheshe lacisha ngesikhathi kuvela ukuthi i-University of Pretoria neBaroka FC badlale ngokulingana ngo 1-1. 

Komunye umdlalo, obuvele ungasenamsoco, iMagesi ibuye seyilandela ngemuva ukudlala ngokulingana ngo 2-2 neVenda FC.

Umqeqeshi weMagesi – ebivele ingene enkiundleni isingompetha balesi sigaba – uClinton Larsen uthe ngeke abalwise abadlali bakhe ngalo mphumela.

Uphinde waveza ukuthi kusukela anqoba lesi sigaba, ucingo lwakhe lukhala aluphezi abadlali bemfuna umsebenzi. 

“Sengithole izingcingoo eziningi kubadlali besigaba esiphezulu, bengifuna amathuba,” kusho uLarsen ngemuva komdlalo wezakhe. 

Uthe noma kunjalo, usazohlala phansi nabaphathi beqembu nethimba lakhe bahlonze lapho kumele baqinise khona.

Uthe bazophinde bahlonze nohlobo lwabadlali abazobadinga ngokubheka indlela abafuna ukudlala ngayo ngesizini yabo yokuqala kwiPremiership.