EzakamuvaIbhola

OweKaizer Chiefs ufisa ibuye inhlanhla ebatshazwa uMokwena

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki useveze ukuthi angajabula uma ingabuya le nhlanhla uzakwabo weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena athi bawina ngayo. 

UMokwena wasusa ukukhuluma emavikini ambalwa edlule ngakusho ngemuva komdlalo wezakhe neChiefs kwiDStv Premiership.

Lo mdlalo wanqotshwa yiSundowns ngo 2-1. Kodwa uMokwena wasola abadlali bakhe ngokuyiyeka bengasheshi bashaye amagoli amaningi. 

Wabe esethi, “iChiefs iyaziwa ukuthi ngokomlando wayo nje inenhlanhhla.” La magama alumela kwabeKaizer Chiefs. 

Ayezwakala sengathi uyayeya iChiefs ngokuthi yonke impumelelo yayo ebholeni ingenxa yenhlanhla. 

Esezama ukucisha lo mlilo awubasayo, ube esevele ewuvuthela kakhulu ngesikhathi ethi ngisho uMdali ungumlandeli weKaizer Chiefs. 

Ukusho lokhu emhlanganweni nabezindaba njengoba lamaqembu ezophinde ebhekane, kulokhu emdlalweni weMTN8.

Ebuzwa ngalokhu, uNtseki uthe nayo iSundowns kukhona la ebinqoba khona ngenhlanhla ngoba yinto yakhona ebholeni.

“Singasho okufanayo nanganoma yiliphi iqembu elenza kahle emidlalweni yeligi neyezindebe,” kusho uNtseki. 

“Uma ubheka iManchester City, ikhona imidlalo la ubona khona ukuthi ibe nenhlanhla ukuphuma newini kuyo.

“Okubalulekile wukuthi uye emdlalweni ngokuzethemba, uma wenza kanjalo nenhlanhla izovela ikulekelele. 

“Nabo ngicabanga ukuthi bake banqoba ngenhlanhla ngoba kule minyaka eyisikhombisa benqoba iligi kukhona la bebeba nenhlanhla khona. Yinto ejwayelekile leyo. 

“Ngesikhathi iChiefs inqoba kwasani nayo, kwakulula ukuthi kwesinye isikhathi lokho bekwenzeka ngenhlanhla.”

UMokwena uthe ngalamazwi akhe uqonde ukuncoma iKaizer Chiefs hhayi ukuyidelela kodwa bekulula ukubona ebusweni bukaNtseki ukuthi abaxhilile. 

Okuhle ke wukuthi uMokwena useyisusile futhi ubutha phakathi kwalamaqembu buzoshuba kakhulu manje. 

FUNDA NALA: UThobani Mncwango nesifiso sokuqeda indlala yamagoli kwiPremiership

Azokwenza nalo mdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ube mnandi kakhulu njengoba womabili lamaqembu eyifuna le ndebe.