Uncategorized

Iyaqina ekaMaMkhize nokuthenga iPirates

SIHLE NGUBO 

Ilokhu iqina indlela ebheke Eswatini kuShauwn “MaMkhize” Mkhize osanda kudunyazwa ukuxoshwa kweqembu lakhe iRoyal AM yiPremier Soccer League (PSL) emasontweni edlule.

UMkhize kuke kwavela ukuthi usemizamweni yokuthenga iMoneni Pirates yase-Eswatini. 

Ngo-Ephreli 6 uMaMkhize ubonakale ehamba nendodana yakhe u-Andile Mpisane ngesikhathi iPirates ibhekene neRoyal Leopards emdlalweni wamanqamu we-Ingonyama Cup eSomhlolo National Stadium.

Usephinde wabuyela futhi Eswatini uMkhize ukuyokwethamela umdlalo othinta iPirates. Kulokhu leli qembu belibhekene neMadlenya emdlalweni weMTN Premier League, eMayaluka Stadium, ngoMsombuluko.

Umdlalo phakathi kwePirates neMadlenya uphele zibambene ngo 1-1. IPirates isendaweni yesihlanu kwilogi kanti iMadlenya iyivale emsileni kunombolo 14 (iligi inamaqembu angu-14).

Nakanjani kukhona akuhlanganisayo uMaMkhize njengoba elokhu eyobuka iPirates idlala Eswatini. 

IRoyal AM seyifana nento engasekho kulandela ukuvota kwamalungu ePSL ukuthi iphume iphele kule ligi ngenxa yezinkinga ebhekene nazo zemali.

Lokhu kushiye amaqembu eBetway Premiership engu-15, nokuchaza ukuthi ingu-28 kuphela imidlalo ezodlalwa yiqembu ngalinye kule sizini.