EzakamuvaIbhola

UVilakazi usevuke ngomsebenzi kwiChippa esanda kushiya kwi-Arrows

Usengumphathi wezokuqeqesha kwiChippa United uVusumuzi Vilakazi omangaze abaningi elaxaza iGolden Arrows esikhaleni ngempelasonto. 

Lo mqeqeshi ubhale ezinkundleni zokuxhumana ebonga akwenzelwe yi-Arrows nosihlalo wayo uMato Madlala. 

Iqembu likuqinisekise ngoMsombuluko esitatimendeni esifishane cishe kunazo zonke ezake zakhishwa yiqembu ukuthi lo mqeqeshi wesulile emsebenzini wakhe. 

Ngesikhathi eshiya isigubhukane, Impempe yathola ngemithombo yayo esondelene neqembu ukuthi uhamba nje yingoba inhlalo ayiseyinhle. 

Kuvele izinsolo ezimbi zokuthi ubebuye afune ukubhekelelwa ngesincane abadlali ukuze abasayine noma abadlalise. 

Nokho akasahlalanga isikhathi esitheni njengoba iChippa seyigxume yamthatha, yazomenza umphathi kaMorgan Mammila. 

Ngokwesitatimende saleli qembu laseGqeberha, uVilakazi uzophatha ezokuqeqesha kusukela ezinkulisa kuya eqenjini elikhulu.

“Isipiliyoni nobuchule bakhe buzosiza iqembu ukuphucula indlela yokudlala eqenjini liulonke,” sifundeka kanje lesi sitatimende seChippa. 

“Uzosebenza ngokubambisana nethimba eliqeqesha iqembu elikhulu, alekelele umqeqeshi (uMammila).”

Kucashunwe nosihlalo weChippa odume ngokusheshe axoshe kubaqeqeshi uSiviwe Mpengesi ethi yisikhathi esikhulu lesi eqenjini lakhe. 

FUNDA NALA: Asesivalile isikhundla somxumanisi AmaZulu

“Yisikhathi sokuziqhenya lesi eqenjini. Sengikubheke ngabomvu azokwenzela izinkulis azethu futhi nginethemba ukuthi ulwazi lwakhe luzosisiza naseqenjini elikhulu,” usho kanje uMpengesi.