UCardoso ubona iBafana ingase ikhinyabezwe ‘ukugqilazwa’ kweDowns
SIHLE NGUBO
Ukudlala imidlalo eminingi esikhathini esifushane kweMamelodi Sundowns, kungase kuphazamise iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
Lona ngumbono womqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, obona iqembu lakhe lixinwe kakhulu ngemidlalo ezayo, elizoyidlala izinsuku zilandelana.
Ompetha beligi bazobhekana neRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership, eMhlathuze Sports Complex, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.
Lo mdlalo kumele bawunqobe nakanjani njengoba belahle amaphuzu ngesikhathi bebambana neStellenbosch FC ngo 1-1 phakathi nesonto.
Lokhu kubaphuthisele nethuba lokubuyela esicongweni selogi yePremiership, njengoba besele ngemuva ngephuzu elilodwa kwi-Orlando Pirates.
Ngemuva kwalo mdlalo iSundowns izobhekana nePolokwane City ngoLwesithathu (Ephreli 29), iphinde futhi itholane phezulu neRise and Shine ngeSonto (Meyi 3).
Umdlalo ozolandela lowo uzoshuba kakhulu njengoba izobhekana neKaizer Chiefs ngoMeyi 6.
La maqembu abambane ngo 0-0 emzuliswaneni wokuqala, okuchaza ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kakhulu.
NgoMeyi 9 iSundowns izotholana phezulu neSiwelele FC, bese kuthi ngoMeyi 16 idlale neTS Galaxy ngokoluhla lwemidlalo yeBetway Premiership.
Kowamanqamu weCAF Champions League iSundowns izobhekana ne-AS FAR yaseMorocco ngoMeyi 15, emlenzeni wokuqala eLoftus Stadium.
Lokhu kuchaza ukuthi umdlalo ozodlalwa Abafana Ba’Style neRockets uzohlehliswa.
UCardoso kuyamkhalisa kakhulu ukuthi bazodlala imidlalo eminingi kangaka kulandelana.
“Akekho ongakwazi ukudlala imidlalo eyisikhombisa ezinsukwini ezingu-21 ngaphandle kokugwema ukulimala,” kusho uCardoso.
“Asethembe ukuthi iBafana Bafana ngeke ikhinyabezwe yilokhu okwenzekayo njengamanje.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi sidlala kahle kule midlalo esele yeligi, nakanjani.”
Abadlali beSundowns nabePirates yibona abahlale bebaningi eqenjini lesizwe iBafana Bafana, elicijwa uHugo Broos.
Kuzohlaluka maduze ukuthi iSundowns izokwazi yini ukunqoba imidlalo esele, ukuze ivikele isicoco seligi.

