Ezakamuvai-Currie Cup

ISharks ibhabhadiswe ngomlilo yiBulls koweCurrie Cup

SIHLE NGUBO

Iphinde yathelwa ngehlazo IHollywoodbets Sharks ngesikhathi ibhaxabulwa yiVodavom Blue Bulls ngo 64-0 emdlalweni wesibili weCarling Currie Cup, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo.

ISharks bekungathi ayikho nhlobo enkundleni, iBulls izenzela nje iqobela ama-try.

Nangempelasonto edlule iSharks ihambe ekamabuyaze e-Ellis Park Stadium, lapho ishaywe kabuhlungu yiLions ngo 46-5

IBlue Bulls isheshe yacacisa ukuthi ayisinisi amahleza njengoba uJuann Else eshaye itry ngomzuzu wesithathu kwaba ngu 7-0, ngemuva kwe-conversion.

Ngomzuzu weshumi uDylan Smith ushaye itry yesibili yeBlue Bulls, kwacaca ukuthi kuyenakala eqenjini laseThekwini sekungu 14-0.

Iqembu lasekhaya belemuka nazo izivakashi. Akumangazanga ngesikhathi uChris Smit eshaya itry yesithathu kwaba ngu 21-0.

Kuthathe imizuzu embalwa wabuya uSmit ngomzuzu ka-33 washaye yakhe yesibili, neyesine yeBlue Bulls.

Ngomzuzu ka-37 u-Esle naye ushaye itry yakhe yesibili, zaya ekhefini kungu 35-0.

IBlue Bulls ibuye ekhefini yaqhubeka lapho ibigcine khona uJeandre Rudolph eshaya itry ngomzuzu ka-43.

Bese kuzoba nzima kakhulu kwiSharks ukubuya seyilandela ngemuva ngo 40-0.

Kuphinde konakala ngomzuzu ka-47 uStravino Jacobs ebeka enye itry kwaba ngu 47-0.

Bese kuhlale obala ukuthi ezikaJP Pieterse zizothelwa ngelikhulu ihlazo ePitoli.

Ngomzuzu ka-52 uRudolph ushaye itry yesibili, sekuhlalukile ukuthi kuzongena inqwaba yama-try.

Ngempela kuqhubekile ukuhlazeka eqenjini laseThekwini uCornel Smit ebeka enye itry ngomzuzu ka-57.

Eyokugcina itry izwe noJJ Theron ngomzuzu ka-80, kwagcwaliseka ukuhlazwa kweSharks.

Ukuhlazwa kanje kweSharks emidlalweni emibili yokuvula yeCurrie Cup, akungabazeki ukuthi kuzomcindeza kakhulu umqeqeshi uPietersen.