EzakamuvaIbhola

IDowns iqiqinga itshe lemali, iyolinga iCity ngoMayo 

IMamelodi Sundowns seyilungise izishaqane zemali ephindela nazo kwiCape Town City iyoyilinga ukuba iyidedelele uKhanyisa Mayo. 

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lizibona lingekho bukhali kahle phambili, okuyinto eliyibone ngokulinyalelwa ngabanye babadlali balo. 

Njengamanje oPeter Shalulile, Thapelo Morena no-Aboubakar Nassir ngabanye babadlali baphambili kwiDowns abalimele. 

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena usekusho kaningi ukuthi basamdinga omunye umdlali waphambili. 

Ekhuluma ngemuva womdlalo wezakhe wakamuva, uthe usebazisile abaphathi beqembu ngezifiso zakhe, wathi sekusele kubo. 

Manje sekuvela ukuthi ubacele ukuthi baphindele kwiCape Town City bayomzamela uKhanyisa Mayo abake bamzama phambilini, bajikiswa.

Ngaleso sikhathi uKhanyisa Mayo waqoka ukwelula inkontileka yakhe kwiCity, ethi ufuna ukusuka kuyo eseya phesheya. 

Nokho abePhakaaathi babika ukuthi iSundowns isinqume ukubuyela iyolinga lo mdlali neqembu lakhe ngemali engconywana kunale ababefike nayo ekuqaleni. 

“UKhanyisa Mayo bambona engasivala kahle isikhala esisale kuhamba uCassius Mailula,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Inkinga wukuthi lo mfana usanda kwelula inkontileka yakhe kwiCape Town City ngakho ngeke atholakale ngemali ephansi. 

“Yingakho neChiefs yagcina ihlulekile nje ukumthola,” kuchaza lo mthombo. IKaizer Chiefs nayo ike yabalwa emaqenjini ahalela uMayo.

Lo mdlali ushaye amagoli angu-12 kwi DStv Premiership, waqeda engohamba phambili ngokubambisana noShalulile. 

Ube esengeza iminyaka emihlanu kwinkontileka anayo neCity. Kodwa noma kunjalo, iSundowns kuyaziwa ukuthi ingakhona ukumthenga uma iCity ivuma. 

Kungenzeka ke nayo lo mdlali avume manje njengoba kuke kwavela ukuthi ekuqaleni nguye owayalela iCity ukuthi inqabe kwabamfunayo kuleli. 

FUNDA NALA: UPitso ucikwa umacashelana weSundowns ngoGaston Sirino

Kodwa njengoba izinto zingamhambeli nje kahle ekuqaleni kwesizini, sekungenzeka abone kungcono ake ashintshe umoya, aye kwelinye iqembiu.