UKhoza uchazwa uRiveiro othulayo, ‘akhulume ngezenzo’
Sbongs Gumbi
UJose Riveiro yinsizwa engazwani nokukuluma kakhulu futhi lokhu kuyamchaza usihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza.
Selokhu efikile kwiPirates uJose Riveiro, leli qembu lidlala kahle futhi abaningi bathi libuyele ebholeni lalo lakudala.
Nemiphumela iyabonakala ke njengoba ngesizini edlule iPirates ihambe nezicoco ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup.
Nakulokhu isethubeni elihle kakhulu lokudla iMTN8 la sekubhekwe ingene emdlalweni wamanqamu.
Izibeke ethubeni ngokushaya iStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.
Umdlalo womlenze wesibili usuyodlalwa ngoSeptember 23 kanti iPirates iyobe isekhaya e-Orlando Stadium la kungalindelekile ukuthi ingashayelwa khona.
UKhoza uthi uJose Riveiro umfundise ngokungavuleleki kakhulu emlonyeni, kodwa kube wumsebenzi okukhulumelayo.
“Ungifundise ukuthi lento manje esengingakhuluma ngayo – amandla okuzithulela,” kusho uKhoza.
Lesi sikhulu esingavamisile ukukhuluma izindaba zeqembu laso esidlangalaleni besikhuluma ngesikhathi kwethulwa iPitso Mosimane Multipurpose Sports Court eLofentse Girls’ High School e-Orlando East, eSoweto.
“Uyambona ukuthi ungumuntu ongaziphakamisi futhi akazwani nokukhuluma njalo.
“Ngiyakhumbula ngikhuluma naye ethi kumele uzivalele umlomo bese usebenza kanzima kube yimiphumela ekukhulumelayo.
“Ungumuntu ozikhandlayo uma kusekusithekeni (ejimini) kodwa ngeke ukubone lokho ngoba akafuni ukugqama,” kuchaza uKhoza.
UJose Riveiro nokho kuzomele aqinise kakhulu emsebenzini wakhe njengoba iPirates isembangweni wezicoco ezinhlanu kule sizini.
FUNDA NALA: IChiefs nohlelo lokufundisa abalandeli bayo ukuziphatha
Idlala kwiMTN8, iDStv Premiership neCaf Champions League njengamanje kanti kuseza iCarling Black Label Cup neNedbank Cup ngokuqhubeka kwesizini.