IRichards Bay ngathi seyiphinde yabhinjelwa yizinto kwezezimali
Alfred Ngubane
Sekuphinde kwavela izindaba ezingezinhle ngeqembu leDStv Premiership laKwaZulu-Natal, iRichards Bay FC.
Kuvela ukuthi leli qembu lidonsa kanzima ezimalini. Lokhu, ngokuthola kweMpempe, kube yimbangela yokuthi lingakwazi ukuthenga abadlali abanohlonzo namava.
Ngaphezu kwalokho, abebevele bekhona eqenjini abanamava njengoLuvuyo Memela noNtsikelelo Nyauza badedeliwe ngakho ukuthi iqembi belihluleka ukubaholela.
Lesi simo sifake umqeqeshi uKaitano Tembo enkingeni njengoba abadlali abakhona abakahlangani futhi kuyabonakala ukuthi bayadingeka abanamava.
Lo mqeqeshi uvele waphumela obala ngesikhathi Impempe imbuza ngalesi simo sezimali eqenjini asebenza kulo.
IRichards Bay isidlale imidlalo emihlanu kodwa ayikanqobi nowodwa – lihlulwe kwemithathu, ladlala ngokulingana kwemibili.
Isizini edlule iphele leli qembu selibambelela ngezidindi, izembe lisho ukumuka nalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi imenenja yeqembu, uJames Dlamini wake watshela Impempe ukuthi abadlali bokubolekwa abasabadingi.
UTembo uthi kukhona akade ebafuna kodwa watshelwa ukuthi abadingeki njengoba usihlalo wathatha isinqumo ngabo.
Lo mqeqeshi uthi uyashoda kakhulu ngabagadli abakhaliphile, abazosebenzisa amathuba abawakhayo ukushaya amagoli.
Sekujwayelekile ke nokho ukuthi amaqembu ePremiership ebhekene nezinkinga zezimali, amanye aze ahluleke ngisho ukuholela abadlali.
Enye into okuthiwa igqilaza iRichards Bay ngezimali wukuthi idlalela imidlalo yayo yasekhaya ‘ekuhambeni’ njengoba iyidlalela eing Zwelithini Stadium, eThekwini.
Lokhu kungenxa yokuthi inkundla yayo yasekhaya, iMhlathuze Sports Complex ayikaqedwa ukulungiswa.
Leli qembu alinabo abaxhasi kanti imali eliyitholayo ngaphezu kwesibonelelo sePSL, u-R3-million ofakwa umasipala waseMhlathuze.
Kuke kwavela ke kade kuvalwe isizini ukuthi uJomo Biyela, ongusihlalo kuleli qembu, uke wakusikaza ukulifaka endalini.
Nokho kwathi oFarouk Kadodia weMaritzburg United, no-Abram Sello weMarumo Gallants sebecuthise izindlebe, wabuye wajika umqondo.
FUNDA NALA: UPercy Tau: Amandla ami awekho ezinweleni
IMaritzburg neMarumo badliwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule njengoba manje sebedlala kwiMotsepe Foundation Championship nje.