EzakamuvaiCarling Knockout Cup

Bagcine isethembiso abeBucs bevotela uMbokazi kwiCarling Knockout

SIHLE NGUBO

Bagcine isethembiso abalandeli be-Orlando Pirates, bevotela uMbekezeli Mbokazi njengomdlali ovelele ngesikhathi iBucs ishaya iRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo.

Abalandeli beZimnyama bebethembise ukuthi bazomvotela uMbokazi ukuze akhale emuke no-R100 000, otholwa umdlali osuke evotelwe abalandeli njengoshaye into ecokeme.

Lokhu kulandela ukuthi iFifa ihlawulise uMbokazi u-R108 000 ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu iBafana Bafana ibhekene neZimbabwe ngenyanga edlule.

Lo mdlali usevele uhlawulile ngokuthi angawudlali umdlalo owodwa weBafana Bafana, njengoba ayengekho iqembu lakuleli libhekene neRwanda emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

“Ngicela ukubonga ukubambisana kubalandeli ngokuseseka,” kusho uMbokazi kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Lokhu abakwenzile ngethemba ukuthi nami ngizokwenza kubona ngokudlala kahle ngibajabulise.”

“Ngokweqembu ngibona ukuthi sidlale kahle. Kuyasijabulisa kakhulu ukuya kowamanqamu.

“Abanye abanye abadlali bese bekhathele kodwa kusisize kakhulu ukudlala ngokubambisana njengeqembu.”

IPirates iyona eyakhe amathuba amaningi okushaya amagoli kulo mdlalo kodwa ibingakhahleli uma isifika epalini leBay.

Kuze kwaba u-Oswin Appollis ushaya iphasi yomhlaba, yathola uTshepang Moremi olibeke phakathi ngomzuzu ka-42.

Lo mdlali, obeyibamba kuMaZulu FC ngesizini edlule, ubeseshaya igoli lakhe lesibili kwiCarling Knockout ka-2025.

Ngesiwombe sesibili iBay bese iphoqeleka ukuthi ihlasele iPirates, ingahlali emuva njengoba beyenza esiwombeni sokuqala.

INatal Rich Boyz ibiyihlasela okwangempela iBucs kwaze kwabe kuphela umdlalo.

Nokho leli qembu laseMhlathuze ligcine lingalitholanga igoli lokulinganisa, nokuqinisekise ukuthola iBucs iya kowamanqamu weCarling Knockout.

NgeSonto kuzotholana phezulu iLamontville Golden Arrows neMarumo Gallants emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.

Yilapho kuzohlaluka khona ukuthi yiliphi iqembu elizodlala nePirates emdlalweni wamanqamu walo mqhudelwano.