EzakamuvaIbhola

UPercy Tau: Amandla ami awekho ezinweleni

Isihlabani seBafana Bafana ne-Al Ahly, uPercy Tau usedalule isizathu esenze ukuthi asuse imiyeko ekhanda, asale nenmbungculu. 

Lo mdlali owake wadlalela iMamelodi Sundowns kuleli, neBrighton & Hove Albion e-England, waziwa ngezitayela ezihlukene ekhanda lakhe. 

Uke waba nemiyeko, wayigunda wasala nezinwele ezimfishane waphinde wayeka isihluthi abesedume ngaso. 

Ukugunda izinwele kukaTau kwakamuva kususe ukuphikisananjengoba kukhona okuthiwa bakholwa wukuthi ukuphuca kwakhe ikhanda kusho ukuhamba “kwamandla” akhe.  Nokho uTau uzichithile lezi zinsolo, wathi amandla akhe avela kuNkulunkulu hhayi ezinweleni zakhe.

“Ngihlale ngizama ukwenza okuhlukile,” kusho uPercy Tau ekhuluma nesikhulu sezokuxhumana kwiSafa uRomy Titus muva nje. 

“Ngikwenze ngesizini edlule lokhu – ukugunda izinwele. Kodwa abantu banale nkolelo yokuthi ngisusa amandla ami ngalokho.

“Amandla avela kuNkulunkulu. Akukho okuthathwayo. Lena yindlela entsha engizobukeka ngayo ngesizini entsha. 

“Ngizohlanganisa iminyaka engu-30 maduze, ngakho-ke ngidinga ukushintsha ukubukeka kancane,” kuchaza lo mdlali oyisethenjwa kwiBafana nakwi-Al Ahly.

Ngesikhathi kunesidlo sasekuseni ebesihlelwe abaxhasi beBafana Bafana, i-10bet, uPercy Tau uveze ukuthi welulekwa uRulani Mokwena ngokugunda izinwele. 

Laba bobabili kuyaziwa ukuthi banobudlelwano obuhle njengoba baqala ukusebenza ndawonye enkulisa yeSundowns. 

“Yingxoxo ebesilokhu siba nayo (noRulani Mokwena),” kusho uTau. Le nsizwa eteketiswa ngelika ‘Lion of Judah’ kumanje isekhefini njengoba kusalungiselelwa isizini entsha e-Egypt. 

Njengamanje uyingxenye yeqembu leBafana elizozwana amandla neNamibia ngoMqgibelo e-Orlando Stadium. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama. 

IBafana izophinde idlale neDR Congo enkundleni efanayo ngoLwesibili kusihlwa.

FUNDA NALA: USiyethemba Sithebe ukhipha imfihlo kaNtseki kwiChiefs

Ngesizini edlule, ngemuva kokunqoba izinkinga zokulimala, uPercy Tau ushaye amagoli angu-10, wasiza ozakwabo ngamathuba amahlandla ayisikhombisa emidlalweni engu-40.