IDowns imise umqeqeshi ngezinsolo zokuhlukumeza abesifazane
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns Ladies seyimise umqeqeshi, uJerry Tshabalala, osolwa abadlali baleli qembu ngezinsolo ezinzima zokubahlukumeza.
ISundowns ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi uTshabalala unikwe ilivu eyisipesheli njengoba seyiqoke inkampani yabameli, iBowmans, ukuthi iphenye izinsolo ezibhekiswe kulo mqeqeshi.
“ISundowns seyinike, okwesikhashana, ilivu eyisipesheli umqeqeshi uJerry Tshabalala kuze kuphothulwe uphenyo oluqhubekayo,” kusho isitatimende esithunyelwe yiSundowns.
“Lokhu akwenzelwa ukuthi kunyamalale izinsolo kodwa kwenzelwa ukuthi uphenyo luqhubeke kahle nokuvikela bonke abathintekayo kulolu daba.
“Uma ibhodi ithola okubambekayo ukuthi ithathe izinyathelo, iyokwenza kanjalo. ISundowns izokwenza isimemezelo esikhathini esingesingakanani.”
Ngokubika kweSABC Sport, lo mqeqeshi oneminyaka engu-44 uke wangena ezindlini zokushintshela ngesikhathi abadlali benqunu, wenqaba ukuphuma.
Okunye okuthiwa uyakwenza ukubuza abadlali, nabanye abesifazane abasebenzela iqembu, ukuthi bashefa kangaki ezithweni zabo zangasese nokuthi izinkomo zabo zibukeka futhi zimi kanjani.
Uma kutholakala konke lokhu kuliqiniso uTshabalala uzokhonjwa indlela bese kuba nzima ukuthi kube khona iqembu elimqashayo ukuthi azoqeqesha abesifazane.