UBroos ukhale ngokushoda kukaZwane ayengamfuni kwiBafana
Ngendlela asemthanda ngayo uThemba Zwane, usungamphikela ukuthi nguye uHugo Broos lo owayepikla, ethi yena akabafuni abadlali asebeneminyaka engaphezu kuka-30.
Efika kuleli ezothatha lo msebenzi wokucija iBafana Bafana, uBroos wakubeka kwacaca ukuthi akazubasebenzisa abadlali asebekhulile ngoba uzokwakhela ikusasa.
Kwala ngisho esebuzwa ngoZwane owayesefomini enhle kwiMamelodi Sundowns ngaleso sikhathi, wathi ushaywa yiminyaka.
Nokho ngokuhamba kwesikhathi wabuye wajika, wamlanda uZwane kwiBafana, naye wafike wakhombisa ukuthi cha uyiso lesi sihlabani obekuthiwa uyiso.
UBroos ukhale ngokushoda kwalo mdlali weMamelodi Suundowns oneminyaka engu-33 ngesikhathi iBafana Bafana ibambana neNamibia.
Umdlalo walamaqembu wokuzwana amandla obuse-Orlando Stadium uphele zibambene ngo 0-0 kulandela ukwehluleka kweBafana ukwakha amathuba acacile.
Kumele kuqashelwe-ke nokho ukuthi uBroos ubesebenzise iqembu labadlali abangavamisile ukuqala imidlalo.
Inhloso yakokhu bekuwukubanika ithuba ukuthi bambonise ukuthi yini le abamphathele yona.
Kubadlali abanikwe ithuba kukhona uGrant Margerman weSuperSport, uThabiso Monyane we-Orlando Pirates noKobamelo Kodisang odlala phesheya.
Badlale kahle impela futhi uMargeman uze waqokwa njengomdlali obevelele kulo mdlalo. Baningi ke abadlali abajwayele ukudlala kwiBafana angabasebenzisanga uBroos.
Kodwa noma kunjalo lo mqeqeshi uphume noZwane njengoyena mdlali abone sisikhulu isikhala sakhe uma engekho.
UThemba Zwane ulimale emdlalweni wezakhe iSundowns neKaizer Chiefs ngempelasonto edlule ngakho akakwazanga ukuya kwiBafana.
“Ngicabanga ukuthi sibe nenkinganyana ngesiwombe sokuqala,” kusho uBroos kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Lo mfana wabo obegqoke unombolo 18 ubehlezi enenkululeko, engagadwe muntu.
“Thina besingenaye umuntu odlala unombolo 9 njengoThemba Zwane, ukwenza isibonelo nje.
“Yilowo umdlali esishode ngaye, besimdinga umdlali onjengaye namuhla. Kodwa ke, kulungile uThemba ubengekho, kudingeke sithathe isinqumo.
“Esiwombeni sesibili bese singcono. Bese sisondele kulo mdlali (unombolo 18 weNamibia) ngakho isikhala sokuthi iNamibia idlale besingasesikhulu njengasesiwombeni sokuqala.”
FUNDA NALA: USamir Nurkovic ubhoboke ngokwenza iChiefs yamchitha
UZwane uzobe engekho ke futhi uma iBafana seyibhekene neDR Congo emdlalweni wayo wesibili ngoLwesibili enkundleni efanayo.