Kwenzakalani ngoSithebe kwiChiefs? Imenenja iyacacisa
Ukungadlali kukaSiyethemba Sithebe kwiKaizer Chiefs yisimo esishiye imibuzo kwabaningi njengoba kuke kwavela nokuthi akahlalisekile nje.
USithebe ufike kwiChiefs ngesizini edlule ethwelwe ngeqoma kodwa ngenxa yokuthi iqembu alenzanga kahle, naye akazange agqame.
Ufike kanye noYusuf Maart kanti babebukeka bezokwakha ubudlelwano obuhle, babe yinjini yeChiefs esiswini.
Kodwa uMaart kuphela okwazile ukuzakhela indawo qede ayigcine eqenjini kusukela lisengaphansi kuka-Arthur Zwane kuze kube manje sekuphethe uMolefi Ntseki.
Nokulimala ke kumele kubalulwe njengenye yezinto eziphazamise le nsizwa edabuka eNewcastle ekutheni ibe wumgogodla weqembu kwiChiefs.
Imenenja yakhe, uMusa Sithebe, okungumalume wakhe ngokuzalana, usecacisile ngesimo salo mdlali, ethi akayi ndawo usazohlala kuleli qembu laseNaturena.
“Ubeyingxenye yeqembu ebelizodlala emdlalweni weMamelodi Sundowns (kwiMTN8 ngempelasonto edlule), kodwa wathola ukuthinteka ejimini.
“Njengamanje usazama ukubuyela esimweni. Usayingxenye yeqembu futhi ukhona ezinhlelweni zalo ukuya phambili.
“Futhi naye uzimisele ukulwela indawo yakhe eqenjini,” ucashunwe esho kanje uMusa Sithebe kwaseFarPost kule mpelasonto.
USiyethemba Sithebe ufike kwiChiefs esuka kuMaZulu FC ngesizini edlule. Nokho ufike kade engasadlali kuMaZulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu laseThekwini lavele lamduba kulandela ukuthi esayine inkontileka yesethembiso neChiefs.
Labe selimphoqa ukuthi ajime kuphela, kodwa engacatshangwa kwakucatshangwa nje uma kuyiwa emidlalweni yize ayeyisihlabani kuleli qembu laseThekwini.
FUNDA NALA: UBroos ukhale ngokushoda kukaZwane ayengamfuni kwiBafana
Kufanele ukuba uzobonakala uma iChiefs seyibhekene neRoyal AM ngoMgqibelo eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership.