UKhune wenqabe umsebenzi abewunikwa yiChiefs
Kuvela ukuthi obengunozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, wenqabe umsebenzi abewunikwa yileli qembu laseNaturena.
Inkontileka kaKhune neChiefs iphele ekupheleni kwesizini edlule. Nokho lo nozinti ubesafuna ukudlala ngoba ekholwa wukuthi kukhona angasakwenzela iqembu.
Ngokusho kweLaduma iChiefs beyimnika umsebenzi wokuthi asebenze ngokubambisana noJessica Motaung kwi-marketing yeqembu. Akubanga khona ukuvumelana ngalokhu.
“Iqembu belifuna ahlale asebenzisane noJessica (Motaung) kodwa yena ubenganeme ngalokho,” kusho umthombo weLaduma.
“Ubesafuna ukudlala ngoba ukholwa wukuthi kukhona asengakunika iqembu isizini eyodwa noma amabili.
“Yebo bezikhona izingxoxo phakathi kwakhe neqembu kodwa ngemuva kokungavumelani useyekile ukufika eNaturena.”
Kusanda kuvela ukuthi uKhune uzosebenza noJabu Mahlangu phakathi kwezinye izingwazi zebhola ezizohlaziya unobhutshuzwayo kwiSABC.
“Akukho okwenzekayo njengamanje, mhlawumbe uyobuya uma iqembu lifuna izinkakha njengoba kwenza uShabba (uSiphiwe Tshabalala) noYeye (uReneilwe Letsholonyane),” kuqhuba umthombo.
“Kodwa okwamanje akekho eNaturena. Akalidlaleli futhi akalisebenzeli iqembu. Mhlawumbe ngelinye ilanga uyobuya uma evuma ukuthatha lo msebenzi omusha.”