EzakamuvaIbhola

UMotsepe ukitazwa ukubuya kweChiefs emidlalweni yeCAF

SIHLE NGUBO 

Umengameli weConfederation of African Football (CAF) uPatrice Motsepe useveze injabulo yakhe ngokuthi iKaizer Chiefs inethuba lokuba yingxenye yemidlalo yeCAF ngesizini ezayo.

Usho lokhu ngesikhathi kunesimemezelo sokuthi i-Africa Global Logistics (AGL) izoqhubeka nokuba abaxhasi abaphambili beCAF.

Lesi simemezelo senziwe eSandton, eGoli, lapho bekukhona omengameli abehlukene abahola izinhlangano zebhola emazweni abo.

UDanny Jordan, ongumengameli weSafa, ubekhona naye kulo mcimbi obusakazwa bukhoma kwiSuperSport TV.

“Bengikhuluma noLucas (Radebe) ngesikhathi singena lapha,” kusho uMotsepe.

“Besikhuluma ngezinto eziningi kodwa ngithe ‘Lucas ngiyajabula ukuthi iKaizer Chiefs izodlala kwiConfederation Cup.’

“Ngeke ukwazi ukuthuthukisa ibhola lamaqembu eNingizimu Afrika nase-Afrika, bese ushiye ngaphandle iChiefs.”

Amakhosi azibekisele indawo kowamanqamu weNedbank Cup lapho ezobhekana ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi 10.

Ukufinyelela kowamanqamu kweChiefs kuchaza ukuthi izodlala kwiCAF Confederation Cup noma inganganqoba kowamanqamu, uma iPirates iqeda endaweni yesibili kwiBetway Premiership.

Nokho kusabhekiwe nokuthi iStellenbosch FC izohamba ibanga elingakanani kwiConfederation Cup njengoba izodlala umlenze wesebili kowandulela owamanqamu neSimba SC ngeSonto.

Emlenzeni wokuqala kunqobe iSimba ngo 1-0 eTanzania. IStellies kumele ishaye amagoli amabili bese ingadedeli igoli ukuze idlulele kowamanqamu.

“Ngisho okufanayo ngeMbabane Swallows, ngeChiefs, eBotswana nawo wonke amazwe lapho kumele sithuthukise ibhola lamaqembu,” kusho uMotsepe.

“Sizoya e-America ezinyangeni ezimbalwa ezizayo ukuyobungaza amaqembu ahamba phambili emhlabeni (iClub World Cup). Ngisho amaqembu aphezulu kakhulu.

“…sifuna amaqembu ethu ahamba phambili e-Afrika ukuthi ancintisane namaqembu aphezulu emhlabeni.”