UNyiko Mobbie ucacisa ‘ngedliso’ alifaka kuHugo Broos weBafana
Indlela angasali ngayo kwiBafana Bafana uNyiko Mobbie, abanye baze bakholwe wukuthi ‘kunedliso’ alifaka kumqeqeshi uHugo Broos.
UNyiko Mobbie ngomunye wabadlali ababenganakiwe abaqokwa uBroos efika kwiBafana eminyakeni emibili edlule, futhi olokhu ekhona kusukela lapho.
Ngesikhathi eqokwa okokuqala uMobbie ubedlala kwiSekhukhune United, okuyiqembu elalifika kwiDStv Premiership futhi lingazelwa lutho.
Kuthe noma sekukhona abadlali abasemaqenjini amakhulu ababonakala benza kahle, futhi kukholakala ukuthi yibo abafanelwe ukuba kwiBafana, uBroos waziqhubekela noMobbie.
Omunye walabo badlali nguKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns odlala kahle kwesokudla emuva, kodwa uBroos akayizwa indaba yakhe.
UNyiko Mobbie, usekuvezile okwenza ahlale ephezulu ohlwini lwabadlali uBroos abacabangayo uma ezoqoka iqembu lakhe.
“Ukumela izwe akulula neze,” kusho uNyiko Mobbie osekhempini yeBafana njengoba bedlala imidlalo yokuzizwa amandla nje.
“Mina engikwenzayo wukulalela umqeqeshi ukuthi ufunani kimi, futhi kumele ngiqhubeke nje ngenze lokho.
“Akulula, kodwa ngihlezi ngizinikela, ngenza konke okusemandleni kuyo yonke imidlalo ngoba asidlali njalo siyiqembu lesizwe.
“Kuyenzeka kwesinye isikhathi kuphele izinyanga zize zibe mbili singadlalanga. Ngakho uma kuvela ithuba, kumele ukhiphe wonke amangwevu.”
Uthi into abona ukuthi yiyo emenza ahluke kwabanye abanga nabo lendawo kuleli wukuthi yena unamandla uma kuvalwa emuva.
“Ngikhumbula emdlalweni wethu neLiberia la ngazitshela khona ukuthi kumele ngiqine kakhulu ekumakeni emuva, ukuhlasela kuze kamuva.
“Lokho kungenxa yokuthi eminye imidlalo iba nzima, idinge niqinise kakhulu ekuvaleni emuva.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi wayejabule ngendlela engavala ngayo emuva,” kuchaza uNyiko Mobbie.
IBafana izozwana amandla neDemocratic Republic of Congo ngoLwesibili e-Orlando Stadium.
Lona ngumdlalo wesibili kweyokuzilungiselela ukuqala kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba. Kowokuqala ibambane ngo 0-0 neNamibia.
FUNDA NALA: IPirates izodoba ngoKarim Kimvuidi, ifuna oweStellies
IBafana isivele kudala yazibekela indawo kwiCaf Africa Cup of Nations ezodlalelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari.