EzakamuvaIbhola

‘Asibongeni u-Irvin Khoza esaphila’, kusho usihlalo welePSL

SIHLE NGUBO

Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, ubambe iqhaza elikhulu kakhulu ekukhuphuleni iligi yebhola yaseNingizimu Afrika ukuthi ihlonishwe emhlabeni wonke jikelele.

UKhoza, ngokubambisana namanye amalungu ePSL, ulwile ukuqinisekisa ukuthi iPSL iyakhula futhi igcina isiheha abaxhasi abafika nemali enkulu.

UJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City, umncoma kakhulu uKhoza ngokuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni iPSL.

“U-Irvin Khoza uyena yedwa umuntu ome endleleni kahulumeni ukuthi ungagxambukeli kwiPSL. Ngaphandle kukaKhoza angazi ngabe iyini le ligi,” kusho uComitis.

“Usesilwele kakhulu. Ngabe asiyiboni imidlalo yethu isakazwa kwithelevishini ukube akukhona ukulwa kukaKhoza.

“Kumele sibonge uKhoza simjabulele esaphila.”

Kukho konke lokhu okushiwo uComitis kukhona abagxeka uKhoza ngezinto ezithile kwiPSL.

Uma amaqembu abo edlala imidlalo eduze ilandelana, kuyaye kuthiwe “vele iligi iphethwe uKhoza ngeke ukubone kwenzeka kwiPirates lokhu.”

UKhoza uphinde abe usihlalo we-Orlando Pirates okuyinto abanye abalandeli bebhola abangayizwa kahle.

Babuza ukuthi “usihlalo weqembu kwenzeka kanjani ukuthi aphinde abe usihlalo wePSL?”

Enye into asolwa ngayo uKhoza ukuvumela ukuthi uMato Madlala abe yisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL iminyaka engaphezulu kweyishumi.

Umbuzo uthi yini kungaqashwa umuntu oqondile ozobamba lesi sikhundla, noma-ke yena uMadlala asithathe ngokusemthethweni.

Yize kukhona abamgxekayo uKhoza kodwa iqiniso ukuthi iPSL inabaxhasi nje ngoba uyena okwazi ukubeka ‘isisoka’ bese basondele bazofaka imali kule ligi.

Kuke kwaba namahlebezi okuthi izingane zikaKhoza zifuna aphumule manje, aphume ebholeni ngoba neminyaka isihambile.

Kuvele ukuthi abaxhasi bashaye amakhala bezwa lokho ngoba umuntu abakwazi ukukhuluma naye ngendlela abayifunayo uKhoza.

Ekugcineni uKhoza kuzomele ashenxe esihlalweni ngoba ukuguga akuhlehli kodwa kuya phambili.

Umbuzo omkhulu owokuthi ubani oyovala isikhala sikaKhoza, obonakalayo umsebenzi asewenzele iNingizimu Afrika kunobhutshuzwayo?