EzakamuvaIbhola

Usatshiswa wukushabalala konozinti kuleli uKati Mzimela

Alfred Ngubane

UMbongeni “Kati” Mzimela ongumqeqeshi wonozinti kwiRichard Bay FC, nokhulele esikhungweni seKaizer Chiefs unokwesaba ngokushabalala konozinti kuleli. 

Le nsizwa eyaqanjwa elikaKati ngenxa yokunwebeka kwayo isavimba, ibona sekumele amaqembu adlala kwiDStv Premiership ayisukumele phezulu le nkinga yonozinti kuleli. 

“Izinga lonozinti abasha liphansi kakhulu uma ngiqhathanisa nesikhathi sethu nabangaphambili kunathi,” kusho uKati Mzimela. 

“Kumanje ngisho iBafana Bafana iyantula konozinti. Ezweni elikhulu kanjena, akufanele lokho. 

“Mina ngikhule kunonozinti abanjengo-Andre Arendse, Brain Baloyi, Rowen Fernandes, Emille Baron, John Tlale, Moeneef Joseph , Calvin Martin…”

Uthi umbango wonozinti kwiBafana bewulisiza iqembu lesizwe kodwa manje awusekho, sekuyaziwa ukuthi ubani ozovimba eqenjini lesizwe.

“Bekumnandi ukubona onozinti bencintisana (kwiBafana) njengoSenzo Meyiwa no-Itumeleng Khune. Manje uRonwen Williams akancintisani namuntu. Ngaleyo ndlela kuyacaca ukuthi bayashabala onozinti abanohlonzo. 

“Sizolokhu sifuna onozinti bangaphandle koze kube nini? Abafana abancane baningi kakhulu kodwa badinga ukuqeqeshwa okufanele. 

“Lokho kokwenza bakwazi ukumela iBafana baphinde bayodlala phesheya kwezilwandle,” kuchaza uKati Mzimela. 

“Kubuhlungu kimi uma ngibona amaqembu amakhulu njenge-Orlando Pirates neKaizer Chiefs eshodelwa ngonozinti abasezingeni eliphezulu.”

UMbongeni Mzimela wazakhela igama kuMaZulu FC, iPlatinum Stars, neChippa United ngaphambi kokubahenga emgibeni amagilavu. 

Njengamanje amaqembu amaningi anonozinti bangaphandle. Kwanaye uMzimela kwiRichards Bay unozinti ohamba phambili ngowangaphandle. 

FUNDA NALA: UNyiko Mobbie ucacisa ‘ngedliso’ alifaka kuHugo Broos weBafana 

USalim Magoola wase-Uganda uyena nozinti oqala imidlalo kwiNatal Rich Boyz. UMagoola ngiye ovimba naseqenjini lesizwe e-Uganda.