UDolly ubona ukunqoba idabhi kungajika izinto kwiChiefs
Indlela edlala ngayo iKaizer Chiefs muva nje inokushiya abalandeli bayo bekhathazekile, futhi uKeagan Dolly usebeke amathemba akhe emdlalweni wedabhi yaseSoweto ozayo ukujika izinto.
Njengoba ezobe eyidlala okwesihlanu idabhi yaseSoweto, uDolly uyakubona ukubaluleka kokunqoba kulo mdlalo omkhulukazi.
“Kuzobe kungokwesihlanu ngidlala idabhi uma ngidlalile ngoMgqibelo,” usho kanje uDolly kwabezindaba ngoLwesine.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu la iChiefs izobhekana khona nezimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates uhlelwe ukuqala ngo-3.30 ntambama eFNB Stadium.
UDolly uyakuqonda ukubaluleka kwalo mdlalo, hhayi kubo njengabadlali kuphela kodwa nakubuyiseni ithemba kubalandeli.
“Ngicabanga ukuthi lo mdlalo uzohluka kulokhu ngenxa yesimo womabili amaqembu akuso.
“Kulokhu akulwelwa igunya lokuchoma nje kuphela, kodwa namaphuzu amathathu abaluleke kakhulu.
“Amaphuzu amathathu abalulekile kithi ukuthi sinyuke kwilogi,” kuchaza uDolly odlala esiswini futhi oyintandokazi yabalandeli kwiChiefs.
“Thina siyiKaizer Chiefs sesikhulumile ngalento ngemuva komdlalo wayizolo (ngoLwesithathu) ukuthi imidlalo elandelayo kumele siyinqobe.
“Awukho ke umehluko ngalo wangoMgqibelo, sifuna ukuqoqa amaphuzu amathathu bese sigcina nomgqigqo wethu.”
Njengoba leli qembu selisenyakeni wesishiyagalolunye lingayazi indebe, yonke into eliyenzayo isiyabhekisiswa ngabalandeli asebesheshe bathunukale.
UDolly uyavuma ukuthi ukunqoba lo mdlalo wangoMgqibelo kungadlala enkulu india ekwehliseni ingcindezi, kubuyise nokuzethemba eqenjini.
“Siyazi ukunqoba idabhi yinto enkulu (kubalandeli), kodwa ekugcineni into ebalulekile amaphuzu amathathu njengakuyo yonke imidlalo yeligi.
“Siyazi yini elindelekile, siyazi abalandeli bajabule kanjani. Kodwa thina singabadlali okwethu ukuya kuyo yonke imidlalo ngenhloso yokunqoba.
“Yonke imidlalo kumele ibe ngebalulekile ukuthi siyiwine ukujabulisa abalandeli bethu. Nakanjani uma sinqoba lona, ingcindezi izokwehla.
FUNDA NALA: USchloss ubhoboka ngesifiso sokubuya kweWits kwiPSL
“Kuzokwenza siye ekhefini leFifa ingcindezi seyehlile, okwethu ukuzama ukuthola amaphuzu amathathu bese sigcina umgqigqo wethu.”