Basinde ngokulambisa abePolokwane City engozini
Kubuye izinkumbulo ezimbi kwiPolokwane City ibhasi ebelilayishe abadlali liba sengozini yogwaqo ekuqaleni kwaleli sonto.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2012, ngesikhathi iPolokwane City isadlala kwiNFD, kwaba nengozi yebhasi la kwafa khona abadlali.
Kuleyo ngozi kwafa abadlali abane, abanye balimala kabi. Omunye wabadlali wabalimala lapho namanje usahamba ngesihlalo esinamasondo.
Nokho kule yangoMsombuluko akekho olimale kakhulu noma ofile, kanti kusolwa iphini lomqeqeshi, uPhuti Mohafe ngokushayela budedengu okuyikho okuthiwa kudale le ngozi.
Ngokubika kwabeZimoja, uMohafe, ongenayo nemvume yokushayela imoto elayisha abagibeli, uzame ukushaya irobhothi.
Ube neshwa ke ngoba ube esezithela phezu kwenye imoto eyiveni ebivulelekile ukuthi ihambe, kwacishe kwachietheka izishebo.
Bakhona abadlali abalimalile kodwa kuthiwa akubanga kubi ngaleyo ndlela, futhi balashelwe endaweni yesigameko, badedelwa.
Iqembu belibheke ejimini ngesikhathi kwenzeka le ngozi, nokwenze ukuthi kuhoxiswe izinhleko zosuku sekwenzeke le ngozi.
“Le ngozi yenzeke ekhoneni likaMarshal noBiccard ngasenkabeni yedolobha (lasePolokwane),” kusho okhulumela amaphoyisa kamasipala ePolokwane, uSuperintendent Kgaugelo Mphago.
“Bobabili abashayeli bazivikele ngokuthi irobhothi belibavuna, ukuthi bahambe.
“Kodwa ngokwezitatimende zabazibinele ngawabo kwenzeka le ngozi, ibhasi lePolokwane City lishaye irobhothi elibomvu.”
Kwenzeka lesi sigameko nje iPolokwane City ivele inekhefu elide njengoba iyoze idlale ngoSepthemba 25.
Iyobe ibhekene naMaZulu FC ePeter Mokaba Stadium emdlalweni weDStv Premiership.
FUNDA NALA: Ucashe ngesithupha uHanamub ebuzwa ngePirates emfunayo
Leli qembu elisanda kubuyela kwiPremiership, aliyiqalanga kahle isizini njengoba emidlalweni emihlanu lisanqobe kabili, lashaywa kathathu.