EzakamuvaIbhola

Uzobanjwa uKhenyeza noBilankulu umsebenzi kwi-Arrows

Alfred Ngubane

ILamontville Golden Arrows izoqhubeka nokuqeqeshwa ngabaqeqeshi  ababambisene oMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu. 

Lokhu kuvezwe uMnqobi Thusi okhulumela leli qembu laseThekwini, otshele Impempe ukuthi umsebenzi uzoqhubeka noMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu ‘ngoba bayalwazi usiko leqembu’. 

“Asikho isidingo sokufuna umqeqeshi bekhona esinabo. Bakhulile ngokwanele manje,” kusho uThusi. 

“Usihlalo, uMato Madlala uyabathemba ukuthi ukuthi bazowuhola kahle kakhulu umkhumbi weGolden Arrows.” 

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisanda kuhlukana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi oshiye isigubhukane, wathushuka kwiChippa United. 

Lo mqeqeshi uhambe kwasala izinsolo zokuthi ubebaleka ngoba esebanjiwe ukuthi kunomkhonyovu awenzayo wokugwazisa abadlali. 

Waqoma ukuzishiyela yena njengoba abanjwa qede wakhuzwa kulo mkhuba wakhe, abaphathi bazithulela emuva kwalokho. 

I-Arrows inomlando omude ngokuzitholela abaqeqeshi abanganamagama kodwa bafike bazakhele kuyona igama. 

Singabala oMandla Ncikazi, Manqoba Mngqithi noKhabonikha Zondo phakathi kwabanye. 

Leli qembu kumanje lenza kahle kakhulu njengoba lisanda kuthela phansi iSuperSport United nePolokwane City. 

UMabhuti Khenyeza useke wasebenza nabaqeqeshi abafana noMuhsin

Ertugral, Josef Vukusic nabanye. 

FUNDA NALA: Uphoxwe abalandeli uHugo Broos iBafana ishaya iDR Congo

Uke waqeqesha ngayedwana kwiTS Galaxy isadlala kwiMotsepe Foundation Championship nala aziveza khona.