Uphoxwe abalandeli uHugo Broos iBafana ishaya iDR Congo
Sbongs Gumbi
IBafana Bafana ingadlala kangcono uma ingaba nabalandeli abaningana emidlalweni yayo, ngokusho komqeqeshi uHugo Broos.
Ukusho lokhu ngemuva kokuthi iBafana ishaye iDemocratic Republic of Congo ngo 1-0 emdlalweni wokuzwana amandla.
Lo mdlalo ubuse-Orlando Stadium ngoLwesibili kusihlwa, kanti izihambi yizo ezigcine zinabalandeli abaningi enkundleni.
Igoli leBafana Bafana lishaywe nguLyle Foster ngomzuzu ka-25. UHugo Broos wenelisekile ngendlela abadlale ngayo.
“Bekuwumdlalo onzima kithi lona. Ngibe nomuzwa wokuthi asidlali ngendlela esifanele,” kusho uHugo Broos ngemuva komdlalo.
“Okuphoxe kakhulu wukuthi iCongo beyinalabalndeli abaningi kunathi. Siyabadinga abalandeli emdlalweni onjena.
“ICongo iye ngokuba ngcono emdlalweni ngoba abalandeli bebebakhomoza. Asithembe ukuthi nathi sizoba nabalandeli abanele ngokuzayo.”
Ngokomdlalo, uHugo Broos uthe yize bengafikanga ezingeni abelifisa kodwa unethemba lokuthi iqembu liya liba ngcono.
“Besibhekene neqembu elihle impela. Asenzanga okwanele, kodwa akubanga kubi kakhulu. Sishaye igoli, yilokho obekubaluleke kakhulu.”
Nokho uHugo Broos uzithethelele ngokuthi vele le khempu yeBafana bekungeyokuhlola abadlali abathile abasha.
“Ngishilo ngaphambi kwale midlalo ukuthi le khempu eyokubona abadlali. Akumele silibale ukuthi kunenqwaba yabadlali ebesingenabo.
“Ngakolunye uhlangothi, silwile namuhla. Sizamile ukunqoba umdlalo. Amathuba avelile, bekuwumdlalo omuhle.
“Kodwa indlela esidlale ngayo kumele ibe ngcono ngokuzayo,” kucacisa lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
FUNDA NALA: URelebohile Mofokeng uzovulela abanye kwelikhulu kwiBucs
IBafana isizobhekana ne-Eswatini ne-Ivory Coast uma sekuphinde kwaba nekhefu lemidlalo yeFifa ngenyanga ezayo.