EzakamuvaIbhola

Amehlo kuTebogo Potsane iChiefs ibhekana neRoyal AM 

Sihle Ngubo

UTebogo Potsane ubeyingxenye yabadlali abebebukisa ngeKaizer Chiefs ngesikhati esagijima kwiRoyal AM.

Ngesizini ka-2021/2022 iThwihli Thwahla ifike kwiDStv Premiership ngamandla, isuka kwiMotsepe Foundation Championship. 

Ithenge isitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership kwiBloemfontein Celtic kulandela ukuhluleka ukuzinyukela isuka kwiChampionship.

Ifike yaThwahlaza amaqembu amaningi kodwa ibiphume iqhubu neChiefs.

Kwamangala abaningi iRoyal AM ebicijwa uJohn Maduka ishaya iChiefs ngo 4-1 emdlalweni womzuliswano wokuqala weligi eFNB Stadium. 

Yayiphinda futhi nasemzuliswaneni wesibili, kwacaca ukuthi omakoti abawaboni nhlobo Amakhosi.

Ekuqaleni kwesizini iChiefs isayinise uTebogo Potsane esuka kwiThwihli Thwahla. 

Lo mdlali usefike wangena khaxa kuMakhosi njengoba exhumana kahle noPule Mmodi, ofike evela kwiLamontville Golden Arrows, no-Ashley Du Preez.

Uma behlangene kahle laba badlali, babayiphela endlebeni ezotobheni zezimbangi futhi sebeze baphiwa igama lesidlaliso elithi yi-PDP (Potsane, Du Preez, Pule). 

UMmodi useqobele phakathi amagoli amathathu kweyeligi kanti uPotsane ube nesandla kakhulu kulokhu. 

UTeboo Potsane, oneminyaka engu-31, angase afune ukugqama uma iChiefs seyamukela iRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. 

Azikahlangani kahle izinto kwiThwihli Thwahla kule sizini. Nokho umqeqeshi uMaduka uzokujabulela ukuthi sebewunqobile umdlalo wokuqala njengoba beshaye iChippa United ngo 3-2.

Okungamqwashisa uMaduka ukuthi babukeka bejwayelana oPotsane, uMmodi noDu Preez. 

FUNDA NALA: Basinde ngokulambisa abePolokwane City engozini 

Kulo mdlalo kungase kubuye noKeagan Dolly oseluleme ekulimaleni. Ubesehlale isikhashana engadlali.