IChiefs ivuma eyokufisa u-OX, pho inkinga? UNtseki uyachaza
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki usekuvumile ukuthi engakujabulela ukuba noSibongiseni “OX” Mthethwa eqenjini lakhe.
Inkinga? Cishe wukuthi iStellenbosch FC la u-OX enenkontileka khona njengamanje, isibeke u-R15-million eqenjini elimfunayo.
Impempe ibikile ngoLwesithathu ukuthi iChiefs iphinde yanikela kwiStellies isiphethe u-R8-million iyocela ukudayiselwa lo mdlali.
Kodwa ifike yathola ukuthi imali seyinyukile, sekufuneka u-R15-million ngoba isikhathi esisele ukuthi leli qembu lithole omunye umdlali sesincane kakhulu.
NgoLwesine uNtseki ubiziwe ngalamahlebezi okuthi bahalela lo mdlali oneminyaka engu-28 waseMvundlweni, eMtshezi.
“Ngicabanga ukuthi into ebalulekile wukuthi njalo uma kunomdlali omuhle, abantu bazommatanisa neKaizer Chiefs,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ekucwaningeni kwethu abadlali esinabo nesibadingayo, baningi abadlali esibahlonzile yize singakaze siwakhiphele emphakathini amagama abo.
“Kodwa ngicabanga ukuthi yinto ejwayelekile ukuthi iqembu elifana neKaizer Chiefs ukuthi lihlezi libheka abadlali abasezingeni eliphezulu ukuqinisa iqembu.
“Ngakho ke, igama likaMthethwa lisematheni njengoba kuthiwa uza kwiChiefs, futhi baningi nabanye abadlali osekuke kwakhulunywa ngabo kuthiwa beza kwiChiefs.
“Kodwa ke engingakusho wukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu – singakujabulela ukuba naye noma nini uma etholakala…
“Noma nini uma singaba nawo amandla okumlanda ngoba ungumdlali omuhle kakhulu.”
Abalandeli beChiefs sekukaningi benxenxa leli qembu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lilande u-OX.
Abanye baze bathi bazimisele ukuphosa onsumbulwana ukuze kuhlangane imali edingekayo ukumthenga.
FUNDA NALA: UJuju Mbuyane uncoma ukugxalwa kukaMbele kwiPirates
Kodwa kubukeka bezosala bephoxekile njengoba Impempe isithole ukuthi iyaqina ebheke komakhelwane beChiefs i-Olando Pirates.