EzakamuvaIbhola

UMsimango uphendula okushiwo uBroos ngabadlali beChiefs

UGiven Msimango uthi kuyilungelo lanoma ngubani ukuphawula ngabadlali bebhola nanganoma yiliphi iqembu. 

Yingakho okushiwo umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos ngabadlali beKaizer Chiefs kungazange kumncinanise njengabaningi, ikakhulukazi abalandeli baleli qembu. 

Ekhuluma ngesikhathi eqoka iqembu lekhempu yakamuva yeBafana Bafana, uBroos wathi akaqokanga mdlali kwiChiefs ngoba akekho ofanelwe wukuba seqenjini lesizwe kubo. 

Le nkulumo yakhe yalumela kwabanye, ikakhulukazi abalandeli abayibuka ngeso lokuthi inekweya leli qembu laseNaturena. 

Kodwa uMsimango yena akanandaba nalokhu okwashiwo yilo mqeqeshi, kuphela uzomphikisa ngezenzo, amphoqe ukuthi amfake eqenjini lakhe azoya nalo kwiCaf Africa Cup of Nations. 

Lo mqhudelwano uzobanjelwa e-Ivory Coast ngoJanuwari kanti uMsimango uthi unesikhathi esanele sokuthi azibekisele indawo kwiBafana.

“Abantu kumele bakuqonde ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuba nombono ngokuthi uzizwa kanjani ngabadlali bebhola, amaqembu nanoma ngani enye…

“Umsebenzi wami ukuhlonipha leyo mibono,” kusho lo mdlali wasemuva weChiefs osayinwe esuka kwiTS Galaxy ekuqaleni kwale sizini. 

“Futhi uma uzazi wena uqobo ukuthi ungubani, uzibekela umgomo wokuthi ube sezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi. 

“La ukhona yilapho ufanelwe ukuba khona, yilapho obusebenzela ukuba khona. 

“Ngakho ke mina ngiyayihlonipha imibono bese ngiqhubeka nokwenza engiqashelwe khona eqenjini. 

“Ngiyaqhubeka nokulwela ukuziphucula ukuthi ngibe ngcono ngaso sonke isikhathi uma sizicija, bese ngenza okusemandleni nasemidlalweni. 

“Okungaphezu kwalokho, konke ngikushiye ezandleni zikaNkulunkulu,” kuchaza lo mdlali obengukaputeni kwiGalaxy ngesizini edlule. 

Uthe njengoba kusele izinyanga ezinhlanu nje kuyiwe kwi-Afcon, uzokulwela angene eqenjini likaBroos elizoya kulo mqhudelwano.

“Ngicabanga uukuthi kusele izinyanga ezinhlanu ngaphambi kwe-Afcon. Indlela odlala ngayo kulesi sikhathi yiyo ezokufaka eqenjini. 

“Ngikholwa ukuthi akekho ozokwenzelwa umusa. Ngeke ubakhohlise abantu baseNingizilu Afrika. 

FUNDA NALA: Motale: Abadlali bakudala kumele bayeke ukuba ngoKhangeziwe

“Bayalithanda ibhola futhi uma udlala kahle lokho kuzokufaka eqenjini uma kufika uJanuwari.”