ISafa ibopha imenenja yabadlali, ifuna u-3.5-million kuyo
UDanny Jordaan nenhlangano angumengameli wayo, iSafa sebegijimele enkantolo beyofaka icala lokudicilelwa phansi kwesithunzi sabo.
Basola imenenja yabadlali kuleli, uRatshibvumo Mulovhedzi ngokuthi wabhala izinto ezingelona iqiniso ngale nhlangano nomengameli wayo ezinkundleni zokuxhumana.
Kuthiwa uMulovhedzi nguye owabhala izinsolo zokuthi UJordaan nguye owayalela ukuthi uDesree Ellis engamdlalisi u-Andile Dlamini eNdebeni yoMhlaba yakamuva.
UDlamini akazange adlale nowodwa emidlalweni emithathu yeBanyana Banyana kulo mqhudelwano obuse-Australia naseNew Zealand ngoJulayi.
U-Ellis ubeqalisa uKaylin Swart. Udaze inkani waqhubeka naye noma sekuvela ukuthi imidlalo iyamsinda futhi wenza amaphutha abucayi.
Kulesi sicelo sayo esifake eNkantolo ePhakeme yaseGoli, iSafa noJordaan bathi lezi zinsolo zingamanga futhi zazisophe ukudicilela phansi isithunzi sabo.
Manje bafuna isinxephezelo sika-R3.5-million kuye. Ngokubika kweCity Press, bathi bamnika ithuba uMulovhedzi ukuthi ahoxise lokhu.
Bathi bamnika kuze kube ngiSepthemba 8 ukuthi asuse lokhu akubhalile ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa njengoba ehluleka ukwenza lokho, sebefuna inkantolo imthole enecala lokuhlambalaza bese imphoqa ukuba abahlawule.
Kodwa kuthe uma ethinntwa uMulovhedzi wavele wayihleka usulu iSafa noJordaan ethi bahubha utalagu.
“Ngiyamangala. Ngabe baqale bangibuza kuqala ngoba banazo izinombolo zami,” kusho le menenja.
“Bekumele benze njengoba wenzile nje wena, bangibuze. Mhlawumbe abantu badidwe yigama elithi Rush.”
FUNDA NALA: ISundowns ivulele isibhaxu esibi koweChampions League
Lezi zinsolo, Impempe eyabika ngazo, zenziwa ngumuntu ozibiza ngoRushsportson kwiTwitter nakwiFacebook. UMulovhedzi uthi akusiyena lowo.