EzakamuvaIbhola

IStellenbosch izovala isikhala sikaMthethwa ngoMthiyane

Iqembu laseKapa elidlala kwiDStv Premiership, iStellenbosch FC selivuke ngomunye umdlali okuthiwa naye uvutha bhe futhi angase abe ngaphezulu kukaSibongiseni Mthethwa osanda kushiya kuleli qembu. 

IStellenbosch idayisele iKaizer Chiefs uMthethwa obebhekwe ngabomvu nayi-Orlando Pirates. 

Izindaba zokuthi uMthethwa usekwiChiefs Impempe izithole ngemithombo yayo esondelene nalo mdlali. 

Manje sekuvela ukuthi okwenze igcine ivumile ukudedela lo mdlali wasesiswini odlala ibhola elinenkosi phakathi wukuthi seyimtholile ezovala ngaye isikhala. 

Ngokuthola kweMpempe, lo mdlali naye uvundululwe nguTebogo Moloi okunguye owathola uMthethwa ezidlalela iziteki zasemabhuqwini eMtshezi. 

“Yazi izinto zibuye ziziqondanele nje emhlabeni. Nalo mfana othathwe yiStellenbosch ugqoka unombolo 6 njengaye u-Ox. 

“Naye futhi uphuma esandleni sikaTebza kanti bathi uyababa naye,” kusho umthombo ocele singawudaluli. 

Igama lalo mfana nguMthetheleli “Viera” Mthiyane obesanda kuqala nje ukudlala esigabeni esikhokhelayo. 

Ubesayinwe yiMilford FC ekuqaleni kwale sizini kanti akaqedanga nenyanga edlala kuyo njengoba esethathwe yiStellies nje. 

FUNDA NALA: Unqotshwe yiChiefs umbango wokusayina u-Ox

Naye uMthethwa wadlala imidlalo embalwa kwiRoyal AM ngaphambi kokuthi athathwe yiBlack Leopards eyayidlala kwiDStv Premiership ngaleso sikhathi.