EzakamuvaIbhola

‘Ngisho iSundowns iyayisaba iCity,’ kusho uMobara waMaZulu

Sihle Ngubo

Umdlali waMaZulu FC u-Abbubaker Mobara, uthi iMamelodi Sundowns nayo iyayesaba iCape Town City FC.

UMobara ubedlalela yona iCitizens futhi uthe uyayihlonipha kakhulu ngoba ilincinza ngendlela enobuchwepheshe. 

Usho kanjena nje Usuthu luzobhekana nayo iCitizens emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ngo-3 ntambama.

“YiCape Town City le. Ngisho neSundowns iyayesaba, ngakho nakithina kuzoba umdlalo onzima kakhulu,” kusho uMobara.

“Yiqembu elibamba ibhola. Iqembu elikwaziyo ukwakha amathuba.”

Usuthu kuzomele lubhukule kakhulu kulo mdlalo ngoba sekucacacile ukuthi lunenkinga yokushaya amagoli. 

AmaZulu asakwaze ukushaya igoli elilodwa kuphela kule sizini ka-2023/2024. Awine ngo 1-0 eshaya iTS Galaxy ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa.

Ngaphambi kwalokho abelokhu edlala ngokulingana aze agcina ebhabhadiswe yiKaizer Chiefs ngo 3-0.

Ngasohlangothini lweCape Town City u-Eric Tinkler uyakudinga kakhulu ukunqoba ngoba iqembu alenzi kahle selokhu kuqale isizini.

FUNDA NALA: Wake wadlalela u-R1 uSteve Lekoelea wodumo kwiPirates

Ukushaywa wuSuthu kungamfaka kwenkulu inkinga njengoba kunzima ukuthola amaphuzu aphelele kwiCitizens kule midlalo emine edlule.