UPitso Mosimane ululeka abadlali bePirates
Sihle Ngubo
UPitso “Jingles” Mosimane owake wadlalela i-Orlando Pirates kudala, uthi abadlali baleli qembu kumele babuke ibhola ngendlela ehlukile.
UMosimane udlale isizini eyodwa kwiBucs ngaphambi kokuthi ayogijima eGreece.
Uqale ibhola edlalela iJomo Cosmos kanti uke wadlala nakwiMamelodi Sundowns.
“Kubadlali be-Orlando Pirates ngifuna ukuthi ngangigqoka leli jezi eniligqokayo,” kusho uPitso.
“Ngiqhamuka kuleli lokishi futhi ngidlale umdlalo wami wokuqala e-Orlando Stadium, lapho nidlala khona.
“Ezemidlalo zishintsha impilo futhi angazi ukuthi ngabe ikuphi impilo yami ukube angililandelanga ibhola. Impilo ngabe ihlukile kodwa namuhla ngilapha.
“Ngakho kumayelana nezinqumo, uyazinqumela ukuthi wenzani bese ubhekane ngqo naleso sinqumo.”
UPitso uke waqeqesha iBafana Bafana kodwa uzakhele ukuhlonishwa okukhulu ngesikhathi ecija iSundowns.
Uyibekile induku ebandla nangesikhathi eqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt.
“Ngeke ulindele ukwenzelwa ufefe bese wethembe ukuthi uyaqonda udlala ibhola ngoba wenza nje.
“Iqembu elifana nePirates kumele linqobe izindebe wonke amasizini.
“Ngiyajabula ukuthi umqeqeshi (uJose Riveiro) uyakulungisa lokho.
“Engikuthanda ngaye ukuthi uzibeke phansi futhi uyayazi into ayenzayo,” kugcizelela uMosimane.
Ngesizini edlule iPirates iwine izindebe ezimbili okuyiMTN8 neNedbank Cup kuyisizini yokuqala kaRiveiro.
Kulokhu kubhekwe ukuthi iphinde ibuye okungenani nezimbili njengoba izodlala emiqhudelwaneni emihlanu.
Isivele ilufakile unyawo olulodwa kowamanqamu kwiMTN8 njengoba ishayele iStellenbosch FC ekhaya ngo 2-1 emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu.
KwiChampions League ibhekene neJwaneng Galaxy yaseBotswana okumele iyiqhelise endleni, bese ingena esigabeni samaqoqo.
FUNDA NALA: ‘Ngisho iSundowns iyayisaba iCity,’ kusho uMobara waMaZulu
Izodlala umlenze wokuqala neGalaxy ekuhambeni eBotswana ngeSonto ntambama.