Ujabulele ukungadedeli goli oweRoyal AM bebambana neChiefs
UXolani Ngcobo, ongunozinti weRoyal AM uqokwe njengomdlali obevelele ngesikhathi bebambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa.
Lo nozinti ubeyichitha yonke imizamo yeChiefs. Bekuthi uma ithumela ibhola ebhokisini, afike kulo kuqala, alisuse endaweni eyingozi.
Nokho uke wasizwa nayinhlanhla ngoba kunamabhola ambalwa eChiefs abesemhlulile, kodwa azishayise epalini.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uNgcobo uthe yinto abebeyilungisa ejimini ukungangenelwa amagoli, futhi bajabule ngokuthi bakwazile ukukwenza emdlalweni.
“Ngibonga uMdali nomndeni ngokungeseka. Nabaqeqeshi ngokunginika leli thuba lokukhombisa ikhono lami.
“Sisebenze kakhulu sisonke njengeqembu,” kusho uNgcobo ngemuva kwalo mdlalo obuseFNB Stadium.
“Umqeqeshi ubethe uma singalitholi igoli, asingalidedeli ke nathi ngakithi. Uthe lokhu kuzokwenza uma sithola ithuba elilodwa, sikwazi ukunqoba.
“Sibheke umdlalo esawudlala neChippa (United), umqeqeshi wasitshela ukuthi kumele silungise emuva.
“Manje nakhu namuhla sikwazile ukubavimba, asangadedela goli ngiyacabanga umqeqeshi naye ujabule.”
Ukuphela kwalo mdlalo bekungengoba amathuba abengekho. Womabili lamaqembu awatholile amathuba futhi bekungamele lo mdlalo uphele kungekho goli.
Kodwa ukushweba, ukusebenza kanzima konozinti, ikakhulukazi oweRoyal AM, kwenze kwagcina kungabanga nagoli.
Kube yiphuzu elibalulekile ke leli kwiRoyal AM edlala ngabafana abancane abangakabi namava.
FUNDA NALA: UKomphela engakujabulela ukuqinisa lapha nalapha kwiSwallows
Lokhu kungenxa yokuthi ayivunyelwe ukusayina abadlali njengoba yalahlwa yicala lokuxosha uSamir Nurkovic.