EzakamuvaIBetway Premiership

INDIDA: I-Arrows ibhalise iMpumalanga Stadium kuphela ukudlala eyasekhaya 

SIHLE NGUBO 

I-Premier Soccer League (PSL) izophinde ithathe amashansi ngokuvumela umdlalo weBetway Premiership, phakathi kweLamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns, uye eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

La maqembu azotholana phezulu koweligi ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, kanti kuvela ukuthi azogijimisana eMpumalanga Stadium.

Inkinga ekhona kulezi zinsuku ukuthi imvula ina ngamandla KwaZulu-Natal futhi ngeke kumangaze uma ingaqhubeka nalokho ngoLwesithathu ebusuku.

IMpumalanga sekucacile ukuthi akudlaleki kuyona uma izulu lina kakhulu ngoba amanzi avele agcwale inkundla, okuyinto ebeka abadlali engozini.

Umdlalo phakathi kwe-Arrows ne-Orlando Pirates wagcina ungadlalwanga emasontweni edlule kule nkundla, ngenxa yakho ukuthi yayigcwele amanzi.

Ngokujwalekile amaqembu ePSL abhalisa izinkundla ezimbili noma ezintathu ukuthi adlalele kuzona imidlalo yasekhaya, ukuze kungabi nenkinga uma kukhona inkundla okungeke kudlaleke kuyona ngesikhathi somdlalo.

Empeleni ngokuka-section 14.1 weligi, ngoJulayi 1 (uma kuqala isizini) iqembu kumele libhalise inkundla yasekhaya bese lisheshe libhalise enye elingadlalela kuyona uma kunesidingo salokho.

Iqembu alivunyelwe ukushintsha inkundla ngaphandle kokubhalela iligi licele lokho. Iligi iyayihlola inkundla ekuqaleni kwesizini kodwa inayo imvume yokuphinde iyihlole phakathi nayo.

Impempe ibe isibuza kwi-Arrows ukuthi ngabe ikhona yini enye inkundla abakwazi ukudlalela kuyona imidlalo yasekhaya ngaphandle kweMpumalanga Stadium.

Impendulo ebivela kuMqo Thusi ithe: “Sawubona, sisebenzisa iMpumalanga.”

Ngesikhathi intatheli ifuna ukuqinisekisa ukuthi ayikho yini enye inkundla ebhaliswe Abafana Bes’thende ukudlalela imidlalo yasekhaya, uThusi akabanga esaphendula.

Nebala uhlu lwemidlalo yePremieship luyikhomba eMpumalanga Stadium yonke eyasekhaya ye-Arrows.

NgoMashi 30 leli qembu laseThekwini lizobhekana neKaizer Chiefs koweBetway Premiership, khona eMpumalanga Stadium.

Ukuthola isiqiniseko sokuthi i-Arrows ibhalise inkundla eyodwa ngempela, Impempe ibe seyithinta iPSL ukuze icacise ngalokhu.

“Iqembu kumele libhalise inkundla yasekhaya nezinye ezimbili elingaphephela kuzona,” kusho uFhatuwani Mpfuni okhulumela iPSL.

Ebuzwa ukuthi zingakhi izinkundla ezibhaliswe yi-Arrows kule sizini, uphendule wathi: “Imininingwane ethinta ukubhaliswa kwamaqembu iyimfihlo. Kulele kulona iqembu ukuthi likuveze lokho, uma lithanda (ukwenza lokho)…”

Akubukeki sengathi ikhona enye inkundla ebhaliswe yi-Arrows kule sizini, uma kubhekwa ukuthi nemidlalo ethathwa njengemikhulu (ethinta iChiefs, iPirates neSundowns) iyidlalela eMpumalanga Stadium.

I-Arrows izobhekana neSundowns seyiqeqeshwa uManqoba Mngqithi ogcine engumqeqeshi kuBafana Ba’Style ngaphambi kokuxoshwa ngoDisemba.

Leli qembu liqashe uMiguel Cardoso ofike wenza kahle kakhulu waze waqokwa njengomqeqeshi obaqwaqwade bonke emakhanda ngoDisemba.

ISundowns izobe ibheke ukuvula igebe libe amaphuzu angu-21 esicongweni uma isibhekene naBafana Bes’thende ngoLwesithathu ebusuku.