IMabhida ecwebile ngoLwesibili izobe inomsindo odlulele koweNedbank Cup
SIHLE NGUBO
IMoses Mabhida Stadium beyicwebile futhi ukwazi ukumemeza kunanele izwi lakho, kusasele amahora amabili kuqale umdlalo weBetway Premiership phakathi kweLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Nokho kulindeleke ukuthi kube yisimo esihluke kakhulu uma iPirates seyitholana phezulu neKaizer Chiefs enkundleni efanayo emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Njengokunxusa kwePremier Soccer League (PSL) kulindeleke ukuthi abalandeli babe senkundleni ngabo-1.30 ntambama ngoMgqibelo.
Lokhu kwenzelwa ukuthi umdlalo uqale ngesikhathi (3.30) nokuthi kungabi khona ukuphushana okungadala ukuthi kube nenhlekelele engadingeki.
Inkinga ekhona ukuthi amathikithi omdlalo wamanqamu adayiswe ngendlela ekhonondise abaningi abagcine bengawatholanga, yize bevuke ngovivi bezama ukuyowathenga ezweni lonke ngoMsombuluko.
I-Open Ticket (www.openticket.co.za) ikhiphe isitatimende ngoLwesibili lapho iveze ukuthi izoyilungisa inkiyankiya yamathikithi.
Nokho size sayoshicilela kungacaci ukuthi amathikithi aphelile yini noma abesekhona ukuze abalandeli bawathenge.
Ukubuyela emdlalweni we-Arrows nePirates, eZimnyama zizoya kulo mdlalo ngaphandle kukaNkosinathi Sibisi noThalente Mbatha, abadonsa izigwebo zamakhadi.
Okuhle ngalaba badlali ukuthi bazobe bekulungele ukubhekana neChiefs kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo.
Abadlali abasengcupheni uma bethola ithuba lokudlala bese bathole amakhadi aphuzi, uPatrick Maswanganyi, uRelebohile Mofokeng, uTapelo Xoki noThabiso Sesane.
Laba badlali bangase bawubuke nezihlwele umdlalo wamanqamu uma bethola amakhadi aphuzi sebebhekene ne-Arrows.
Ngasohlangothini lwaBafana Bes’thende umdlali ongeke abe khona uma sebebhekene nePirates (ngenxa yamakhadi) u-Andile Mchunu.