Uyinyama kwabanye umdlali oseligcina linekiwe ijezi kwiBucs
Umdlali we-Orlando Pirates ongomunye wasebelizwa ngendaba ijezi kuleli qembu usezitholele izesheli ezisha amashushu ngaye.
UFortune Makaringe ungomunye wabadlali asebehlale isikhathi eside kwiPirates futhi abebengaconsi phansi kubalandeli.
Kodwa selokhu kufike uJose Riveiro, uMakaringe usengomunye wabadlali asebesetshenziswa uma kuhlushekiwe kuleli qembu.
Nokho sekuvele imibiko ethi uma isimo sakhe singajiki kwiBucs, ngeke aliswele iqembu azodlala kulo.
Kuthiwa amaqembu aseLimpopo, iSekhukhune United nePolokwane City basha amashushu ngalo mdlali, futhi babheke ukubona iPirates yenze njani ngaye.
“Abaphathi (bePirates) sebevele bayazi ukuthi kunamaqembu amfunayo uMakaringe,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.
“Akuwona nje lawa amabili kuphela (iSekhukhune nePolokwane). Bagcina bezitholile lezi zinto ngoba abantu bayakhuluma.
“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi bavele babone umdlali engasadlali njalo bese bezitshela ukuthi uyashiya eqenjini.
“Babe sebeqala ke becuthela ukumhlwitha. Okwamanje akukho osekuke kwakhulunywa ngoMakaringe, usengumdali wePirates nje ngokugcwele.”
Okwamanje akucaci ukuthi uMakaringe, ofike kwiPirates ngo-2019, uzophelelwa yini yinkontileka.
Uma kuwukuthi iphela ngoJuni ozayo, amanye amaqembu azoba nelungelo lokumshela ngenkululeko ngoJanuwari.
Kungumthetho wasebholeni ukuthi uma umdlali esesalelwe yisikhathi esingaphansi kwezinyanga ezintathu usengasayina nelinye iqembu inkontileka yesethembiso.
Lo mthombo uthe wona ngokubona kwawo amaqembu amfunayo kumele avele ayoxoxa ngqo nePirates ukuze izinto zawo ziqonde.
“Ngicabanga ukuthi lamaqembu amfunayo kumele ayeke ukulokhu ecutha, aye kwiPirates ayoxoxa nayo ngaye.
“Iqembu ilona elizobe selinquma ukuthi lisafuna yini ukumgcina noma liyamdedela ayozama kwenye indawo.
FUNDA NALA: Uthembisa isibhakela esisezingeni uDladla ngoDisemba 9
“Okunye ke sekungaba kuye umdlali ukuthi yena ufunani ngoba okwamanje unenkontileka neqembu.”