EzakamuvaIBetway Premiership

Umqeqeshi ulaxaze iqembu lePSL wamenyezelwa kwelisha

SIHLE NGUBO

Obengumqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uselishiyile iqembu ngemuva kweminyaka eminingi ephethe izintambo kulona.

UBarker bekunguyena umqeqeshi obesehlale isikhathi eside eqenjini elilodwa, ngaphambi kwezindaba zokwesula kwakhe kwiStellies ngoLwesihlanu ntambama.

Lo mqeqeshi, oneminyaka engu-57, ufike kwiStellies ngo-2017, okuchaza ukuthi bese kuphele iminyaka ayisishiyagalolunye ecija iqembu.

Into enkulu ayenzele leli qembu ukulinqobela iCarling Knockout Cup ngo-2023, nokufinyelela kweyandulela owamanqamu kwiCAF Confederation Cup ngesizini edlule.

Nakulokhu iqembu lisekhona kwiConfederation Cup kulandela ukuqeda endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership ngesizini edlule.

UBarker sekuvele kucacile ukuthi yini eyenze alaxaze iStellies, njengoba iSimba SC yaseTanzania isimethule njengomqeqeshi wayo omusha.

IStellies akuyihambeli kahle emidlalweni yeBetway Premiership selokhu kuqale isizini ka-2025/2026.

Leli qembu liyibambe endaweni ka-12 kwilogi yePremiership, nokwenza kubukeke lingaphephile nakancane ezembeni.

Emidlalweni engu-14 yeligi iStellies isakwaze ukunqoba emithathu kuphela, kanti inamaphuzu angu-12 kuphela.

Kulindeleke ukuthi leli qembu lishiywe umdlali walo ophambili u-Andre de Jong, okuvela ukuthi useqede konke ne-Orlando Pirates.

Konke lokhu kwenza kubukeke kuzoba ngumqansa kakhulu kwiStellies, uma sekubuya imidlalo yePremiership neyeConfederation Cup.

IStellies izobuyela emidlalweni yeligi ngokutholana phezulu neSekhukhune United, ePeter Mokaba Stadium, ngoJanuwari 20.

Izobe seyiqhubeka nemidlalo yeConfederation Cup ngokubhekana neCR Belouizdad ngoJanuwari 25 ekuhambeni.

Akwaziwa noma kuzoshaya leso sikhathi abaphathi beStellies sebemtholile yini umqeqeshi omusha.

Kubaqeqeshi abangenawo amaqembu kukhona uGavin Hunt, osanda kuhlukana neDurban City, noPitso Mosimane ongenalo iqembu.

Omunye umqeqeshi ongenaqembu njengamanje, uJose Riveira ofike kuleli ezocija iPirates, wayishiya eseqashwe yi-Al Ahly yase-Egypt, ekupheleni kwesizini edlule.

Lo mqeqeshi waseSpain akazange ahlale e-Egypt njengoba ekhonjwe indlela ngemuva kwezinyanga ezintathu.